Skip to Content

"nesiqalekiso"

13 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 22:19

ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.

UDuteronomi 11:26

Bheka, ngibeka phambi kwakho namuhla isibusiso nesiqalekiso,

UDuteronomi 11:28

nesiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu , kepha niphambuka end leleni enginiyala ngayo namuhla , ukulandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.

UDuteronomi 11:29

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, usibeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.

UDuteronomi 30:1

Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele , isibusiso nesiqalekiso , engizibekile phambi kwakho , uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona,

UDuteronomi 30:19

Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa , isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,

UJeremiya 24:9

Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba , babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.

UJeremiya 25:18

iJerusalema nemizi yakwaJuda , namakhosi alo , nezikhulu zalo , ukuba ngikwenze kube yincithakalo , nesimangaliso, nento encimfelwayo , nesiqalekiso njenganamuhla;

UJeremiya 42:18

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema , kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu , nxa nin gena eGibithe , nibe yisithuko , nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.

UJeremiya 44:12

Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba ingene ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona , baphele bonke , bawe ez weni laseGibithe, baphele ngenkemba nangendlala , abakhulu nabancane bafe ngenkemba nangendlala , babe yisithuko , nesimangaliso, nesiqalekiso, nehlazo.

UJeremiya 44:22

UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo , nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.

UJeremiya 49:13

Ngokuba ngizifungile, usho uJehova, ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.

UJoshuwa 8:34

Ngasemuva wafunda onke amazwi omthetho , isibusiso nesiqalekiso , njengakho konke okulotshiwe encwadini yomthetho.