Skip to Content

"newayini"

34 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:40

Ababe seduze nabo kuze kube kwa -Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo , nangamakamela, nangeminyuzi, nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane , nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo , newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.

1 iziKronike 9:29

Abanye kubo babemiselwe impahla , nezitsha zonke zendlu engcwele , nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha.

2 iziKronike 11:11

Waziqinisa izinqaba, wabeka izinduna kuzo, nokudla, namafutha, newayini.

2 iziKronike 2:15

Ngalokho ukolweni, nebhali, namafutha, newayini, inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthume kuzo izinceku zayo.

2 uSamuweli 16:2

Inkosi yathi ku Siba: Uthini ngalezi zinto na ? Wathi uSiba: Izimbongolo zingezokukhwelwa ngabantu bendlu yenkosi , izinkwa nezithelo zingezokudliwa, newayini lingelokuphuzwa ngabayethileyo ehlane.

AbAhluleli 19:19

Kukhona nokho utshani nefoliji lezimbongolo zethu ; mina-ke nginesinkwa newayini, kanjalo nencekukazi yakho nensizwa enathi , izinceku zakho ; akusweleke lutho.

AmaHubo 104:15

newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu , namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.

AmaHubo 4:7

Ubeke injabulo enhliziyweni yam i edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.

IsAmbulo 18:13

nokinamona, nokunephunga elimnandi , nempepho, namafutha okuqhola , nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo , nempuphu ecolekileyo , nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu.

IsAmbulo 6:6

Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi : Imbenge kakolweni ngodenariyu nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.

IsiLilo 2:12

Bathi konina: Aphi amabele newayini? lapho bedangala njengababulawayo ezigcawini zomuzi, imiphefumulo yabo ithululelwe ezifubeni zawonina.

NgokukaLuka 10:34

waya kuye , wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafu tha newayini , wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina.

NgokukaMathewu 9:17

Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke , nezimvaba zonakale . Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Mark. 5:21; Luk. 8:40)

U-Ezra 6:9

Abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu okuyakuba yiminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wezulu , kanye nokolweni , nosawoti, newayini, namafutha, njengezwi labapristi abaseJerusalema , mabanikwe khona imihla ngemihla kungaphuthi

U-Isaya 5:12

Ihabu nogubhu , isigubhu negenkle , newayini kukhona emadilini abo , kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.

UDaniyeli 10:3

Ngangingadli isinkwa es ithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.

UDaniyeli 1:16

Inceku yayisisusa isabelo sokudla newayini lokuphuza, yabapha imifino.

UDuteronomi 11:14

ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo , imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho , newayini lakho, namafutha akho.

UDuteronomi 7:13

akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho , nesithelo somhlabathi wakho , namabele akho , newayini lakho , namafutha akho , nenzalo yezink omo zakho , nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.

UGenesise 14:18

UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini ; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.

UHoseya 2:22

Umhlaba uyakuphendula amabele , newayini elisha , namafutha, khona kuphendule uJizreyeli.

UHoseya 2:8

Kepha akazanga ukuthi yimin a engamnika amabele , newayini elisha , namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.

UHoseya 2:9

Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo , newayini lami elisha ngenkathi yalo , ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokusibekela ubunqunu bakhe.

UHoseya 4:11

Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.

UJoweli 2:19

UJehova waphendula , wathi kubantu bakhe : Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho , ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.

UNehemiya 10:37

silethe ulibo lomgqakazo wethu , neminikelo yethu yokuphakanyiswa , nezithelo zemithi yezinhlobo zonke , newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.

UNehemiya 10:39

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele , newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele , nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.

UNehemiya 13:15

Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele , bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini , namakhiwane, nemithwalo yonke , bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha ; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.

UNehemiya 13:5

wayemlungisele ikamelo elikhulu , lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele , newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi , nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.

UNehemiya 5:18

Okwalungiselwa usuku lwaba lunye nje kwakuyinkabi nezimvu eziyisithupha ezikhethekileyo ; ngalungiselwa nezinyoni newayini eliningi lezinhlobo zonke kanye ngezinsuku eziyishumi ; nokho angicelanga isinkwa sombusi, ngokuba ubugqila babusinda phezu kwalaba bantu.

UNumeri 15:5

newayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, okwesine kwehini ngemvana inye , wolilungisela umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo.

UNumeri 6:3

uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla , angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini , futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo.

UZakariya 9:17

Yeka ubuhle balo ! Yeka ukubukeka kwalo ! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.

UmShumayeli 10:19

Idili lenzelwa ukuhleka , newayini liyenamisa ukuphila , kepha imali iyimpendulo yakho konke.