Skip to Content

"nezahlulelo"

39 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:33

ngokuba bangishiy ile, bakhuleka ku -Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi , nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa -Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami , nezimiso za mi, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.

1 AmaKhosi 2:3

ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,

1 AmaKhosi 8:58

ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba.

1 AmaKhosi 9:4

Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho , ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,

1 iziKronike 16:12

Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo , nezibonakaliso zakhe , nezahlulelo zomlomo wakhe,

1 iziKronike 28:7

Ngiyakuqinisa umbuso wakhe kuze kube phakade , uma eqinisela ukwenza imiyalo yami nezahlulelo zami njenganamuhla.

2 iziKronike 19:10

Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

2 iziKronike 33:8

futhi angisayikususa unyawo luka -Israyeli ezweni engilimisele oyihlo , uma beyakugcina kuphela ukwenza konke engibayale ngakho , wonke umthetho, nezimiso, nezahlulelo, ngesandla sikaMose.

2 iziKronike 7:17

Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njen gokuhamba kukaDavide uyihlo, wenze njengakho konke engikuyale ngakho , ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,

AmaHubo 105:5

Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo , nezibonakaliso zakhe , nezahlulelo zomlomo wakhe,

AmaHubo 147:19

Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe , izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku - Israyeli.

U-Eksodusi 24:3

UMose weza wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezahlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye , bathi: Onke amazwi uJehova awakhulumileyo siyakuwenza.

U-Ezra 7:10

ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova , nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.

UDuteronomi 11:1

Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho , ugcine imfanelo yakhe , nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.

UDuteronomi 11:32

Niyakugcina ukuzenza zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.

UDuteronomi 12:1

Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakugcina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni.

UDuteronomi 26:16

Namuhla uJehova uNkulunkulu wakho uyakuyala ukwenza lezi zimiso nezahlulelo; ngalokho wozigcina, uzenze ngayo yonke inhliziyo yakho.

UDuteronomi 26:17

Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe;

UDuteronomi 30:16

ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe , ukuze uphile , wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

UDuteronomi 33:21

Wazikhethela isabelo sokuqala , ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu , wafeza ukulunga kukaJehova , nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.

UDuteronomi 4:1

Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.

UDuteronomi 4:14

UJehova wanginika ngaleso sikhathi uku nifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.

UDuteronomi 4:45

yibo ubufakazi , nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,

UDuteronomi 4:5

Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.

UDuteronomi 4:8

Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?

UDuteronomi 5:1

UMose wayesebiza wonke u -Israyeli, wathi kuye : Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde , uqaphele ukuzenza.

UDuteronomi 5:31

Kepha wena , yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo , nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukub a bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.

UDuteronomi 6:1

Nansi imiyalo , nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,

UDuteronomi 6:20

Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na?

UDuteronomi 7:11

Ngalokho uyakugcina imiyalo , nezimiso, nezahlulelo engikuyala ngakho namuhla ukukwenza.

UDuteronomi 8:11

Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe , nezahlulelo zakhe , nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla,

UHezekeli 11:12

nazi ukuthi nginguJehova , ngokuba anihambanga ngezimiso zami , nezahlulelo zami anizenzanga , kepha nenze njengezahlulelo zezizwe ezinihaqayo. Isiprofetho sokubuyiswa

UHezekeli 20:25

Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo.

ULevitikusi 18:5

Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami ; uma umuntu ezenza , uyakuphila ngazo; nginguJehova.

ULevitikusi 26:46

Lezo ziyizimiso nezahlulelo nemithetho akwenzayo uJehova phakat hi kwakhe nabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi ngesandla sikaMose.

UMalaki 4:4

Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo. Ukubuya komprofethi u-Eliya

UNehemiya 10:29

babambelela kubafowabo , abakhulu babo , benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni k aNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iN kosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe

UNehemiya 1:7

Senzile kabi kakhulu kuwe , asigcinanga imiyalo , nezimiso, nezahlulelo owayala ngakho inceku yakho uMose.

UNumeri 36:13

Leyo iyimiyalo nezahlulelo uJehova ayala ngakho ngesandla sikaMose abantwana bakwa -Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.