Skip to Content

"nezigqilakazi"

6 occurrences in ZUL

2 iziKronike 28:10

Manje-ke nithi niyakunyathela phansi abantwana bakwaJuda nabaseJerusalema babe yizigqila nezigqilakazi zenu . Kepha aniyikuba necala kuJehova uNkulunkulu wenu ngalokho kuphela na?

U-Esteri 7:4

ngokuba kuthe ngisiwe ngathi , mina nesizwe sakithi , ukuba sichithwe , sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile , ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.

UDuteronomi 28:68

UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: Awusayikuyibona futhi. Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.

UJeremiya 34:11

Kepha emva kwalokho baphenduka , bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zihambe , zikhululeke, bazithobisa zaba yizigqila nezigqilakazi.

UJeremiya 34:16

Kepha seniphendukile futhi , nalihlambalaza igama lami , nabuyisa, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe , yilowo nalowo isigqilakazi sakhe , enanizivumele ukuba zihambe , zikhululeke ngokuthanda kwazo, nazithobisa ukuba zibe yizigqila zenu nezigqilakazi zenu.

ULevitikusi 25:44

Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo : niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo.