Skip to Content

"nezikhonzi"

9 occurrences in ZUL

2 kwabaseKorinte 11:15

Ngakho akuyinto enkulu , uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.

IzEnzo 5:26

Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi , zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.

NgokukaJohane 18:12

Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha;

NgokukaJohane 18:18

Kwakumi khona izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle , ngokuba kwakumakhaza, zotha; noPetru wayenazo otha.

NgokukaJohane 18:3

Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali.

NgokukaJohane 19:6

Bathi bembona abapristi abakhulu nezikhonzi , bamemeza bathi: Mbethele, mbethele esiphambanweni! UPilatu wathi kubo : Mthatheni nina, nimbethele esiphambanweni, ngokuba angifumani cala kuye.

NgokukaMarku 14:54

UPetru wamlandela ekude , waze wangena egcekeni lompristi omkhulu ; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo.

NgokukaMarku 14:65

Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: Profetha. Nezikhonzi zamthatha zammukula. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Luk. 22:54; Joh. 18:17, 25)

NgokukaMathewu 26:58

Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi , wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.