Skip to Content

"nezilwane"

45 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:44

UmFilisti wathi kuDavide : Woza kimi , nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.

1 uSamuweli 17:46

Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami ; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe , nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaF ilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,

2 uSamuweli 21:10

URispa indodakazi ka -Aya wathatha indwangu yamasaka , wazendlalela yona edwaleni , kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.

AmaHubo 36:6

Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi , ukwahlulela kwak ho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.

AmaHubo 49:12

Kepha umuntu , nokuba enodumo , akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo.

AmaHubo 50:11

Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi.

AmaHubo 80:13

Ingulube yasehlathini iyawudla, nezilwane zasendle ziyawuqothula.

AmaHubo 8:7

izimvu, nezinkomo zonke, yebo, nezilwane zasendle,

NgokukaMarku 1:13

Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane ; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza. Ukubizwa kwabafundi (Math. 4:12; Luk. 5:1)

U-Isaya 40:16

ILebanoni alanele ukubaswa, nezilwane zalo az anele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.

UDaniyeli 4:15

Nokho shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini , sinesibopho sensimbi nesethusi, ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasetshanini bomhlaba;

UDaniyeli 4:23

Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla ezulwini , ethi: Gawula umuthi, uwuchithe, kepha shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi , ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasendle , kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso,

UDaniyeli 4:25

sokuthi uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi , umanziswe ngamazolo ezulu , kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.

UDaniyeli 4:32

uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.

UDuteronomi 14:6

Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane.

UGenesise 1:21

UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo , nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

UGenesise 2:20

Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye.

UGenesise 8:1

UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa , nezilwane zonke , nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini . UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba , amanzi abohla.

UGenesise 8:17

Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke , izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni , zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni.

UGenesise 9:10

nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni.

UHezekeli 14:13

Ndodana yomuntu , lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko , ngelulele isandla sami phezu kwalo , ngaphule uzime lwalo lwesinkwa , ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane,

UHezekeli 14:17

Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelo zwe , ngithi: Inkemba mayidabule ezweni, ukuze nginqume kulo abantu nezilwane,

UHezekeli 14:19

Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelo zwe , ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane,

UHezekeli 14:21

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kakhulu kangakanani , lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?

UHezekeli 25:13

ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku - Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane , ngimenze ize kusukela eThemani , bawe ngenkemba kuze kube seDedani.

UHezekeli 29:8

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane.

UHezekeli 36:11

Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane ; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 38:20

ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu, nezilwane zasend le, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba , izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi.

UHezekeli 5:17

ngithumele kini indlala nezilwane ezimbi, zikwaphuce abantwana, kudlule phezu kwakho isifo negazi , ngehlisele inkemba phezu kwakho . Mina Jehova ngikhulumile.

UHezekeli 8:10

Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo , nezilwane ezinengekayo , nazo zonke izithombe zendlu ka -Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.

UHoseya 2:18

Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle , nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.

UHoseya 4:3

Ngalokho izwe liyakudabuka , bonke abakhe kulo badang ale kanye nezilwane zasendl e nezinyoni zezulu ; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.

UJeremiya 15:3

Ngiyakubamisela izinhlobo ezine , usho uJehova : inkemba yokubulala , nezinja zokud onsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.

UJeremiya 21:6

Ngiyakubashaya abakhileyo k ulo muzi, abantu nezilwane; bayakufa ngesifo esikhulu.

UJeremiya 28:14

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele ; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.

UJeremiya 36:29

NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi : Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe , yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?

UJeremiya 50:3

Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka , kuhambe.

UJeremiya 9:10

Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila , namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo , kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.

UJoweli 1:20

Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela , ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo udlile amadlelo asehlane.

ULevitikusi 25:7

nakuzo izinkomo zakho nezilwane ezisezweni konke ukuthela kwalo kuyakuba ngukudla.

UNumeri 31:11

Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.

UNumeri 31:26

Balani impango yonke ethathiweyo , abantu nezilwane, wena no-Eleyazare umpristi, nezinhloko zezindlu zawoyise benhlangano,

UZefaniya 1:3

Ngiyakuqothula abantu nezilwane, ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle, ngikhubekise ababi, nginqume abantu ebusweni bomhlaba, usho uJehova.

UmShumayeli 3:15

Lokhu okukhona yikho ok wakukhona, nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo. Umuntu ufana nezilwane

UmShumayeli 3:19

Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane , into inye ikwehlela kokubili : njengalokhu kufa lokho , kuyafa nalokhu ; kunomphefumulo munye , umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.