Skip to Content

"nezinyawo"

50 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 9:35

Baya ukummbela , kepha abafumananga lutho kuye , kuphela inhloko , nezinyawo, nezintende zezandla.

2 uSamuweli 3:34

Izandla zakho zazingaboshiwe , nezinyawo zakho zazingafakwanga emaketangeni; wawa njengomuntu owayo phambi kwabantu ababi . Bonke abantu baphinda bemkhalela.

2 uSamuweli 4:12

UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe , zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.

AmaHubo 116:8

Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni , amehlo ami ezinyembez ini, nezinyawo zami ekuweni.

AmaHubo 22:16

Ngokuba izinja ziyangibungayela; umbonda wababi ungizungezile; izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.

AmaHubo 56:13

Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufen i nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkul u ekukhanyeni kwabaphilayo.

IsAmbulo 10:1

Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu , nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo , nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,

IsAmbulo 13:2

Isilo engasibonayo sasifana nengwe , nezinyawo zaso zazinjengezebhere , nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama . Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.

IsAmbulo 1:15

nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi;

IsAmbulo 2:18

Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi : Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi:

IzAga 6:18

nenhliziyo eceba imicabango emibi , nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,

NgokukaLuka 24:39

Bhekani izandla zami nezinyawo zami uku thi yimina uqobo ; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo , njengokuba ningibona nginakho.

NgokukaLuka 24:40

Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo.

NgokukaMathewu 18:8

Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

U-Eksodusi 26:19

Wenze izinyawo ezingamashumi amane esiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye , zibe ngezemisuka yalo yomibili , nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe , zibe ngezemisuka yalo yomibili,

U-Eksodusi 26:21

kanye nezinyawo zawo ezingamashumi amane esiliva , izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.

U-Eksodusi 26:25

Kuyakuba ngamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva , izinyawo eziyishumi nesithupha , izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe nezinyawo ezimbili phansi kwelinye.

U-Eksodusi 27:10

izinsika zalo zibe ngamashumi amabili , nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

U-Eksodusi 27:11

Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube khona izilenge , ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu , nezinsika zazo zibe ngamashumi amabili , nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi ; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

U-Eksodusi 27:12

Ohlangothini olungasentshonalanga ebubanzini begceke makube khona izilenge, ububanzi bazo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , izinsika zazo zibe yishumi, nezinyawo zazo zibe yishumi.

U-Eksodusi 27:14

Izilenge kolunye uhlangothi mazibe yizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.

U-Eksodusi 27:15

Nakolunye uhlangothi makube yizilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu , izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.

U-Eksodusi 27:16

Koba khona iveli lesango legceke , libe yizingalo ezingamashumi amabili , ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo , umsebenzi womfekethisi , izinsika z abo zibe zine , nezinyawo zazo zibe zine.

U-Eksodusi 30:19

U-Aroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.

U-Eksodusi 30:21

mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi , kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo. Amafutha angcwele okugcoba

U-Eksodusi 35:11

itabernakele, netende lalo , nesifulelo salo , nezinkibaniso zalo , namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo;

U-Eksodusi 35:17

nezilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zazo, neveli lesango legceke,

U-Eksodusi 36:24

Wazenza izinyawo ezingamashumi amane zesiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye , ezemisuka yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe , ezemisuka yalo emibili.

U-Eksodusi 36:26

nezinyawo zawo ezingamashumi amane zesiliva , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.

U-Eksodusi 36:30

Kwakungamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva , izinyawo eziyishumi nesithupha , izinyawo ezimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe.

U-Eksodusi 38:10

Izinsika zazo zazingamashumi amabili , nezinyawo zazo zazingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zaziyisiliva.

U-Eksodusi 38:11

Ngasohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyikhulu , izinsika zazo zingamashumi amabili , nezinyawo zazo zingamas humi amabili zethusi ; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.

U-Eksodusi 38:12

Ngasohlangothini olungasentshonalanga izilenge zaziyizingalo ezingamashumi ayisihlanu , izinsika zazo zaziyishumi , nezinyawo zazo zaziyishumi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.

U-Eksodusi 38:14

Izilenge kwelinye icele lesango zaziyizingalo eziyishumi nanhlanu ; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.

U-Eksodusi 38:15

Kwaba njalo nakwelinye icele : ngalapha nangalapha kwesango legceke zazikhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu ; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.

U-Eksodusi 38:19

Izinsika zalo zazizine , nezinyawo zalo zazizine zethusi ; izingwegwe zaziyisiliva, ukunamekwa kwezihloko nokwezibopho kwakuyisiliva.

U-Eksodusi 38:27

Amatalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo , izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu , italenta ngonyawo.

U-Eksodusi 38:31

nezinyawo zegceke nxazonke , nezinyawo zesango legceke , nazo zonke izikhonkwane zetabernakele, nazo zonke izikhonkwane zegceke nxazonke.

U-Eksodusi 39:33

Baliletha itabernakele kuMose, itende nempahla yalo yonke, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,

U-Eksodusi 39:40

izilenge zegceke , nezinsika zalo , nezinyawo zalo , neveli lesango legceke , nezintambo zalo , nezikhonkwane zalo , nempahla yonke yenkonzo yetabernakele, netende lokuhlangana;

U-Eksodusi 40:31

OMose no -Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.

UDaniyeli 10:6

Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe , nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo , izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwe thusi eliphucuziweyo , nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.

UGenesise 24:32

Wayesengena endlini lowo muntu , wakhumula amakamela , wapha amakamela utshani nefoliji , waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.

UJobe 29:15

Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.

ULevitikusi 11:23

Kepha zonke ezinye izilwanyana ezinamaphiko nezinyawo ezine ziyisinengiso kini.

UNehemiya 9:21

Wabondla iminyaka engamashumi amane ehlane , kabaswelanga lutho ; izingubo zabo aziguganga, nezinyawo azivuvukalanga.

UNumeri 3:36

Imfanelo emiselwe amadodana kaMerari iyakuba ngamapulangwe etabernakele, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezinto zonke zalo, nenkonzo yonke yalokho,

UNumeri 3:37

nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo , nezikhonkwane zazo , nezintambo zazo.

UNumeri 4:31

Nakhu okuzakugcinwa yibo ukuba bakuthwale ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana: amapulangwe etabernakele, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,

UNumeri 4:32

nezinsika zegceke nxazonke , nezinyawo zazo , nezikhonkwane zazo , nezintambo zazo , nempahla yonke yazo , nenkonzo yonke yazo , nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala.