Skip to Content

"nezinyoni"

30 occurrences in ZUL

AmaHubo 148:10

nani zilwane nezinkomo zonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,

AmaHubo 78:27

Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli , nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

AmaHubo 8:8

nezinyoni zezulu , nezinhlanzi zolwandle , nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.

IsAmbulo 19:21

Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.

IzEnzo 10:12

Kusona kwakukhona zonke izilwane ezinezinyawo ezine , nezinwabuzelayo zomhlaba, nezinyoni zezulu.

IzEnzo 11:6

Kwathi ukuba ngiyigqolozele, ngabhekisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu.

NgokukaLuka 9:58

UJesu wayesethi kuye : Izimpungushe zinemigodi , nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo , lapho ingacamelisa khona ikhanda.

NgokukaMathewu 8:20

UJesu wayesethi kuye : Izimpungushe zinemigodi , nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo , lapho ingacamelisa khona ikhanda.

UDaniyeli 2:38

Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu beh lezi khona , izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho , wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.

UDaniyeli 4:14

Wamemeza ngamandla , washo kanje, wathi: Gawula umu thi, unqume amagatsha awo , uvuthulule amaqabunga awo , uhlakaze izithelo zawo ; izilwane mazisuke phansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.

UDaniyeli 4:21

omaqabunga awo ayemahle , nezithelo zawo zaziziningi , kukhona ukudla kuwo kubo bonke ; ozilwane zasendle zahlala phansi kwawo , nezinyoni zezulu zakha emagatsheni awo:

UGenesise 1:21

UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo , nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

UGenesise 1:22

UNkulunkulu wazibusisa , wathi: Zalani, nande, nigcwalise amanzi aselwandle, nezinyoni zande emhlabeni.

UGenesise 1:26

UNkulunkulu wathi : Masenze abantu ngomfanekiso wethu , basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu , nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.

UGenesise 1:28

UNkulunkulu wababusisa ; uNkulunkulu wathi kubo : Zalani, nande, nigcwalise umhlaba , niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.

UGenesise 1:30

Kepha zonke izilwane zomhlaba , nezinyoni zonke zezulu , nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla, kwaba njalo.

UGenesise 2:19

UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu , waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.

UGenesise 2:20

Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye.

UGenesise 6:7

UJehova wathi: Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu , ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.

UGenesise 7:14

bona nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo , nezinkomo zonke ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo , nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, konke okunamaphiko.

UGenesise 7:23

Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba , abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo , nezinyoni zezulu ; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa ka nye nakho okwakukhona naye emkhunjini.

UGenesise 7:8

Kuzo izilwane ezihlambulukileyo nezingahlambulukile , nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni

UHezekeli 38:20

ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu, nezilwane zasend le, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba , izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi.

UHoseya 2:18

Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle , nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.

UHoseya 4:3

Ngalokho izwe liyakudabuka , bonke abakhe kulo badang ale kanye nezilwane zasendl e nezinyoni zezulu ; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.

UJeremiya 12:4

Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khon a izinkomo nezinyoni ziyabhubha , ngokuba bathi : Akayikubona ukugcina kwethu.

UJeremiya 15:3

Ngiyakubamisela izinhlobo ezine , usho uJehova : inkemba yokubulala , nezinja zokud onsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.

UJobe 12:7

Kepha mawubuze izinkomo , ziyakukufundisa, nezinyoni zezulu , ziyakukutshela.

UNehemiya 5:18

Okwalungiselwa usuku lwaba lunye nje kwakuyinkabi nezimvu eziyisithupha ezikhethekileyo ; ngalungiselwa nezinyoni newayini eliningi lezinhlobo zonke kanye ngezinsuku eziyishumi ; nokho angicelanga isinkwa sombusi, ngokuba ubugqila babusinda phezu kwalaba bantu.

UmShumayeli 9:12

Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe ; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elib i nezinyoni ezibanjwa ogibeni , kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.