Skip to Content

"ngakusihlwa"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:35

Ukulwa kwaqina ngalolo suku ; inkosi yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu, yafa ngakusihlwa; igazi lenxeba laphalazeka phansi enqoleni.

1 uSamuweli 20:5

UDavide wathi kuJonathani : Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga ; angifanele ukuphu tha ukuhlala nenkosi ekudleni , kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.

U-Eksodusi 12:18

Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo , kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.

U-Eksodusi 12:6

niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane l waleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa.

U-Eksodusi 16:12

Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa -Israyeli; khuluma kubo , uthi: Ngakusihlwa niyakudla inyama , kusasa nisuthe isinkwa , nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

U-Eksodusi 16:6

OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe.

U-Eksodusi 29:41

Wonikela ngelinye iwundlu ngakusihlwa , wenze kulo njengomnikelo wempuphu wasekuseni nanjengomnikelo wawo wokuphuzwa, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.

U-Eksodusi 30:8

Nalapho u -Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa , woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.

UDuteronomi 23:11

kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi , nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.

UGenesise 8:11

Ijuba lafika kuye ngakusihlwa ; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni.

UJoshuwa 5:10

Abantwana ba kwa-Israyeli bamisa eGiligali , bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.

UNumeri 19:19

umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa , amphothule ngos uku lwesikhombisa , ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.

UNumeri 9:11

ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza ; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo;

UNumeri 9:15

Ngosuku itabernakele elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele , itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.

UNumeri 9:3

Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakul igcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo ; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.

UNumeri 9:5

Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi ; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.