"ngakwesokunene"
79 occurrences in ZUL
UMikhaya wathi : Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.
Wayesehamba uBati Sheba, waya enkosini uSolomoni ukuba amkhulumele u-Adoniya kuyo. Inkosi yasukuma ukumhlangabeza, yamkhothamela, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi , yambekela unina wenkosi isihlalo , wahlala ngakwesokunene sayo.
nezinti zezibani zegolide elicwengekileyo eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo phambi kwegumbi , nezimbali, nezibani, nezindlawu, ngegolide,
futhi umfowabo u -Asafa owayemi ngakwesokunene sakhe , u-Asafa kaBerekiya kaShimeya
okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini , sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.
Izinkomo zaqonda endleleni, zaya ngaseBeti Shemeshi, zahamba ngomendo, zihamba zikhala, zingaphambukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ; amakhosi amaFilisti azilandela, aze afika emkhawulweni waseBeti Shemeshi.
Wenza okulungile emehlweni kaJehova , wahamba ngendlela yonke kaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
Izindawo eziphakem eyo ezaziphambi kweJerusalema , ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala , uSolomoni inkosi yakwa -Israyeli ayezakhele u - Ashitaroti isinengiso samaSidoni , noKemoshi isinengiso sakwaMowabi , noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.
UMikhaya wathi : Ngalokho yizwani izwi likaJehova : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.
Wenza okulungile emehlweni kaJehova , wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
Walubeka ulwandle ngakwesokunene ngasempumalanga yangaseningizimu.
Wenza imicengezi eyishumi , wabeka eyisihlanu ngakwesokunene neyisihlanu ngakwesokhohlo ukuhla mbela kuyo ; okweminikelo yokushiswa babekugezela kuyo, kepha ulwandle lwalungolokuhlambela abapristi.
Wenza izinti zezibani zegolide njengomthetho wazo , wazibeka ethempelini, eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo.
Wenza amatafula ayis humi, wawabeka ethempelini , ayisihlanu ngakwesokunene nayisihlanu ngakwesokhohlo . Wenza nezitsha eziyikhulu zegolide.
Yathi-ke inkosi : Isandla sikaJowabe sinawe yini kukho konke lokhu na ? Owesifazane waphendula wathi: Kuphila kwakho, nkosi yami, nkosi, akukho muntu ongaphendukela ngakwesokunene nangakwesokhohlo kukho konke okukhulunywe yinkosi yami , inkosi, ngokuba inceku yakho uJowabe yangiyaleza, yafunza onke lawo mazwi emlonyeni wencekukazi yakho;
U-Asaheli wamxosha u -Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri.
U-Abineri wayesethi kuye : Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe. Kepha u- Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.
Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
UJehova wathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
Bheka ngakwesokunene sami , ubone ukuthi akakho onginakekelayo ; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.
Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabes ifazane bakho abadumileyo ; inkosikazi imi ngakwesokunene sakho, ihlobe igolide lase-Ofiri.
Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho , nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho, kepha akuyikufinyelela kuwe.
Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo ; chezukisa unyawo lwakho ebubini.
ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu , esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele , wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.
Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi : INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami,
Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini , wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
wathi: Bheka, ngibona izulu livuliwe , neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
sibhekile kuJesu , umqalisi nomphelelisi w okukholwa kwethu , owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi : Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho, na?
Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ay o, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono , yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,
Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu : sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,
asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo , wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini,
Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
Wayesethi kubo : Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi , nizakuthola. Base bephonsa , ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi.
Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se -altare lempepho.
lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo : INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami,
Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.
Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela kh ona nazo izelelesi , esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo.
Bathi kuye: Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho , omunye ngokwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho.
kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo.
UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi : INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.
Wathi uJesu : Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.
Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili , omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe.
Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini , yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Kuthe bengena ethuneni , babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.
Wathi kubo : Yebo, nizakusiphuza isitsha sami , kepha ukuhlala ngakwesokunene sam i nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.
INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.
imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.
UJesu wayesethi kuye : Usho khona . Nokho ngithi kini : Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla , iza emafwini ezulu.
Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili , omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo.
Abantwana bakwa -Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
Kepha abantwana bakwa -Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle ; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho , lithi: Nansi indlela ; hambani ngayo , noma niphambuka ngakwesokunene , noma niphambuka ngakwesokhohlo.
Ngokuba uyakusabalala ngakwesokunene nangakwesokhohlo, nengalo yakho iyakuqeda abezizwe, yakhe imizi echithekileyo.
owenza ukuba ingalo yakhe emangalisay o ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwab o ukuba azenzele igama eliphakade;
njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona nanjengesahlulelo abayakukutshela sona uyakwenza , ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwahluleleni kwabo.
inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo , angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo , ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe , yena nabantwana bakhe phakathi kuka - Israyeli.
nalapho ungaphambuki nakulo elilodwa lamazwi engikuyala ngawo namuhla ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.
Mangidabule izwe lakho ; ngiyakuhamba ngomgwaqo , ngingajiki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
UJehova wavela eSinayi , wabaphumela evela eSeyiri , wanyampuza entabeni yasePharanu , weza ephuma ezigidini zendawo engcwele ; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.
Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na ? Mawuhlukane nami ; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene ; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.
Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo , ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
Amakherubi ayemi ngakwesokunene kwendlu ekungeneni kwendoda , ifu lagcwalisa igceke elingaphakathi.
Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.
Isimo sobuso bazo sasingubuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, zozine zinobuso benkomo ngakwesokhohlo , zozine zinobuso bokhozi futhi.
Nquma ngakwesokunene, usukele ngakwesokhohlo , lapho ubuso bakho bubheka khona.
Ngakwesokunene kuvuka amachwensa ; agudlumeza izinyawo zami , anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.
Umkhawulo kaManase wasuka kwa-Asheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e -Eni Taphuwa.
Qina kuph ela, ume isibindi kakhulu , uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami , ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.
Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulots hiwe encwadini yomthetho kaMose , ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,
Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda , ngabeka izigaba ezimbili ez inkulu ezabongayo , zahlaba ihele ; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;
U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu lamapulangwe ababelenzele lo mgomo ; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya , noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe , nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.
ake sidabule izwe lakho ; asiyikudabula amasimu nezivini , singaphuzi amanzi emithombo ; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi , singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho.
Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo , lapho kwakungekho khona indlela yoku jika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu ; bayakuqeda bonke abantu n xazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo , iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.
Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.
Ngase ngithatha , ngithi kuyo : Iyini le minqumo emibili ngakwesokunene sothi lwezibani nangakwesokhohlo salo na?