Skip to Content

"ngalokhu"

30 occurrences in ZUL

1 kaJohane 2:16

ngokuba konke oku sezweni, inkanuko yenyama , nenkanuko yamehlo , nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.

1 kaJohane 3:8

owenza isono ungokaSathane , ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni . INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu , ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.

1 kaJohane 4:2

Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu;

1 kuThimothewu 1:16

kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe , ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.

1 kwabaseKorinte 8:13

Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami , angisoze ngadla nyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.

1 uSamuweli 11:2

UNahashi wakwa -Amoni wathi kubo : Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube yihlazo kuye wonke u- Israyeli.

2 kwabaseThesalonika 3:10

Ngokuba nalapho sisekini , saniyala ngalokhu ukuthi : Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.

AbAhluleli 11:8

Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa -Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.

IsiLilo 1:16

Ngiyakhala ngalokhu; iso lami , iso lami liyamululeka izinyembezi , ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami . Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.

IzEnzo 3:19

Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,

IzEnzo 9:21

Kepha bamangala bonke abezwayo , bathi: Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?

KwabaseRoma 5:8

kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi , siseyizoni, uKristu wasifela.

NgokukaJohane 15:8

UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi , nibe ngabafundi bami.

NgokukaLuka 10:20

Nokho ningathokozi ngalokhu kokut hi omoya bayanithobela , kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini. UJesu uyamdumisa uYise (Math. 11:25)

NgokukaMarku 2:8

UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?

U-Amose 7:3

UJehova wazisola ngalokhu. Akuyikubakho, usho uJehova. Umbono ngomlilo eqedayo

U-Amose 7:6

UJehova wazisola ngalokhu. Akuyikubakho, isho iNkosi uJehova. Umbono ngentambo yomthofu

U-Eksodusi 7:17

UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi as emfuleni, aphenduke igazi.

U-Eksodusi 9:16

kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami , igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.

U-Isaya 27:9

Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu , lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe , lapho enza ukuba onke amatshe e - altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera nama- altare empepho.

U-Isaya 57:6

Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini ; wona yiwo angawenkatho yakho ; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa , wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?

UGenesise 42:15

Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha.

UGenesise 42:33

Lowo muntu, inkosi yezwe, wayesethi kithi: Ngalokhu ngiyokwazi ukuthi ningabaqotho: shiyani kimi omunye wabafowenu, niphathele indlala yezindlu zenu ukudla, nimuke,

UJeremiya 11:14

Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu , ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.

UJeremiya 4:28

Umhlaba uyakhala ngalokhu , izulu phezulu limnyama , ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.

UJeremiya 9:24

kepha ozibongayo makazibong e ngalokhu ukuthi uyangiqonda , angazi ukuthi nginguJehov a owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni , ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo, usho uJehova.

UJeremiya 9:9

Angiyikubahambela ngalokhu na? usho uJehova . Umphefumulo wam i awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?

UJoshuwa 3:10

Wathi uJoshuwa : Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama- Amori, namaJebusi.

UMalaki 3:10

Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu , usho uJehova Sebawoti , uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini , nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.

UNumeri 16:28

UMose wathi : Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.