Skip to Content

"ngalusuku"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:29

Base bemisile bebhekana izinsuku eziyisikhombisa . Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaqala ukuliwa ; abantwana bakwa -Israyeli babulala ama - Aramu ayizinkulungwane eziyikhulu ayimigundatshani ngalusuku lunye.

1 kwabaseKorinte 10:8

Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe , bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.

1 uSamuweli 2:34

Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, oHofini noFinehasi; ngalusuku lunye bayakufa bobabili.

2 iziKronike 28:6

Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye , bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.

2 iziKronike 35:16

Yayisilungiswa-ke inkonzo kaJehova ngalusuku lunye ukwe nza iphasika nokunikela ngeminikelo yokushiswa e -altare likaJehova njengesiyalezo senkosi uJosiya.

IsAmbulo 18:8

Ngakho k uyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo , ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo ; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.

U-Esteri 3:13

Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.

U-Isaya 10:17

Ukukhanya kuka -Israyeli kuyakuba ngumlilo , oNgcwele wakhe abe yilangabi; kuyakushisa kuqede ameva akh e namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.

U-Isaya 47:9

Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuw e ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokaz i kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho , nobuningi beziphonso zakho.

U-Isaya 9:14

Ngalokho uJehova uyanquma kwa -Israyeli ikhanda nomsila , igatsha lesundu nomhlanga, ngalusuku lunye.

UGenesise 17:26

U-Abrahama nendodana yakhe u-Ishmayeli basokwa ngalusuku lunye.

UGenesise 27:45

kusuke kuwe ukuthukuthela komnewenu, akhohlwe lokho okwenze kuye , bese ngithuma ngikulande khona ; ngizakwaphucwa ngani nina nobabili ngalusuku lunye na?

ULevitikusi 22:28

Noma kuyinkomazi noma imvukazi, aniyikuyihlaba kanye nomntwana wayo ngalusuku lunye.

UZakariya 3:9

Ngokuba bheka , itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo , usho uJehova Sebawoti, ngidedisele kude ububi balelo zwe ngalusuku lunye.