Skip to Content

"ngamadolo"

17 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:54

Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe , izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.

2 AmaKhosi 1:13

Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisi hlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka -Eliya, yamnxusa, yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.

2 iziKronike 6:13

ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu ; walimisa phakathi negceke , wema kulo , wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa -Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,

AbAhluleli 7:5

Wayesebehlisela abantu ngasemanzini ; uJehova wathi kuGideyoni : Bonke abaxhapha amanzi ngolimi lwabo njengokuxhapha kwenja babeke bodwa , kanjalo nabo bonke abaguqa ngamadolo ukuba baphuze.

AbAhluleli 7:6

Umumo wabaxhaphayo bebeka isandla emlonyeni wawungamadoda angamakhulu amathathu , kepha bonke abanye abantu baguqa ngamadolo ukuba baphuze amanzi.

IzEnzo 21:5

Kwathi sesiqedile lezo zinsuku , saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana , kwaze kwaba ngaphandle komuzi ; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,

IzEnzo 9:40

Kepha uPetru wabakhipha bonke , waguqa ngamadolo , wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka! Wayesevula amehlo akhe , wabona uPetru, walulama.

Kwabase-Efesu 3:14

Ngenxa yalokho ngiguqa ngamadolo ami kuYise,

KwabaseRoma 11:4

Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na ? Ithi: Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.

NgokukaMarku 10:17

Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye , waguqa ngamadolo phambi kwakhe , wambuza wathi : Mfundisi omuhle , ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

NgokukaMarku 15:19

Amshaya ekhanda ngomhlanga , amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye.

NgokukaMarku 1:40

Kwafika kuye onochoko , wamncenga eguqa ngamadolo , ethi kuye : Uma uthanda, ungangihlambulula.

NgokukaMathewu 17:14

Sebefikile esixukwini , kweza kuye umuntu , waguqa ngamadolo phambi kwakhe,

NgokukaMathewu 27:29

aluka umqhele wameva , awufaka ekhanda lakhe , nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe , ambhinqa athi: Bayede, nkosi yabaJuda!

U-Ezra 9:5

Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami , ingubo yami nejazi lami kuklebhukile , ngaguqa ngamadolo , ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,

UDaniyeli 10:10

Bheka-ke, kwangithinta isandla, sangimisa ukuba ngitotobe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.

UDaniyeli 6:10

UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku , wakhuleka, wabonga uNkulunku lu wakhe , njengalokho enzile kuqala.