Skip to Content

"ngami"

97 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:2

UJerobowamu wathi kumkakhe : Ake usuke uzifihle , ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo ; bheka, u-Ahiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakuba yinkosi phezu kwalaba bantu.

1 AmaKhosi 22:18

Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli kuJehoshafati: Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela.

1 AmaKhosi 22:28

Wayesethi uMikhaya : Uma ubuya impela ngokuphila , uyakube engakhulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina bantu bonke.

1 AmaKhosi 22:8

Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Kusekhona umuntu munye , uMikhaya, indodana kaJimila , esingabuza ngaye kuJehova , kodwa ngiyamzonda, ngokuba akaprofethi okuhle ngami kepha okubi . Wathi uJehoshafati: Inkosi mayingasho njalo.

1 AmaKhosi 2:4

ukuze uJehova aqinise izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi : U ma abantwana bakho begcina indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami eqinisweni ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo , awuyikuntula muntu -- washo njalo -- esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.

1 uSamuweli 12:3

Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani , ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.

1 uSamuweli 26:19

Ngalokho mayizwe inkosi yami , inkosi, amazwi enceku yayo . Uma nguJehova okuncokoloza ngami , makamukele umnikelo , kepha uma kungabantwana babantu , mabaqalekiswe phambi kukaJehova , ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova , bethi: Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.

1 uSamuweli 28:17

UJehova wenzile ngokwakhe, njengalokho akhuluma ngami : uJehova ukwaphucile umbuso esandleni sakho , wawunika umakhelwane wakho uDavide.

2 AmaKhosi 19:27

Kepha ukuhlala kwakho , nokuphuma kwakho , nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.

2 AmaKhosi 19:28

Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami , nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

2 iziKronike 18:17

Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli kuJehoshafati: Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela, na?

2 iziKronike 18:27

Wayesethi u Mikhaya: Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina bantu bonke.

2 iziKronike 18:7

Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Kusekhona umuntu munye esingabuza ngaye kuJehova , kodwa ngiyamzonda , ngokuba akazange aprofethe okuhle ngami, kepha okubi njalo; nguMikhaya indodana kaJimila. Wathi uJehoshafati: Inkosi mayingasho njalo.

2 kuThimothewu 4:17

kodwa iNkosi yangimela , yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami , nabezizwe bonke bezwe ; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.

2 kwabaseKorinte 11:16

Ngiyaphinda ngithi: Makungasho muntu ngami ukuthi n giyisiwula; kepha noma kungaba njalo , nokho ngamukeleni njengesiwula , ukuze nami ngizibonge kancane.

2 kwabaseKorinte 12:5

Ngonjalo ngizakuzibonga , kepha ngami uqobo angizukuzibonga , kuphela ngobuthakathaka bami.

2 kwabaseKorinte 12:6

Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga , bengingezukuba yisiwula ; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso , kepha ngiyayeka , funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.

2 uSamuweli 22:20

Wangiphumisela endaweni eb anzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

2 uSamuweli 23:2

UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.

AbAhluleli 16:10

Wayesethi uDelila kuSamsoni : Bheka, udlale ngami , wangitshela amanga; ake ungitshele manje ukuthi ungaboshwa ngani.

AbAhluleli 16:13

UDelila wayesethi kuSamsoni: Kuze kube manje udlale ngami , wangitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa ngani . Wathi kuye: Uma weluka amagoda ayisikhombisa ekhanda lami nezintambo zakho zokwelukwa.

AbAhluleli 16:15

Wayesethi kuye: Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na ? Usudlale ngami kathathu , awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.

AbAhluleli 9:54

Wayeseshesha ebiza udibi olwaluphethe izikhali zakhe , wathi kulo: Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuba abantu bangasho ngami ukuthi: Wabulawa ngowesifazane. Udibi lwakhe lwase lumgwaza, wafa.

AmaHubo 102:8

Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; abahlanya ngami bayangiqalekisa.

AmaHubo 109:2

Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi ; bakhulumile ngami ngolimi lwamanga.

AmaHubo 119:23

Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho.

AmaHubo 119:69

Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.

AmaHubo 18:19

Wangiphumisela endaweni ebanzi ; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

AmaHubo 25:2

Nkulunkulu wami , ngiyethemba kuwe ; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.

AmaHubo 31:13

Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaning i ngokwesabisayo nxazonke ; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami.

AmaHubo 35:15

Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami , babuthana ndawonye ; abashayi engingabaziyo bangibunganyela; badumaza bengayeki.

AmaHubo 35:24

Ngahlulele ngokulunga kwakho, Jehova Nkulunkulu wami; mabangajabuli ngami.

AmaHubo 35:26

Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami ; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.

AmaHubo 38:16

Ngokuba ngithe : Funa bajabule ngami , ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.

AmaHubo 40:7

Ngase ngithi : Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:

AmaHubo 41:5

Izitha zami zikhuluma okubi ngami , zithi: Uzakufa nini , igama lakhe lichitheke, na?

AmaHubo 41:7

Bonke abangizondayo banyenyezelana ngami: bangisongozela okubi, bathi:

AmaHubo 60:8

UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka -Edomi ngiphonsa isicathulo sami; yethaba ngami, Filistiya.

AmaHubo 69:12

Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya.

AmaHubo 69:6

Mabangajabhiswa ngami ab akulindeleyo, Nkosi Jehova Sebawoti ; mabangahlazeki ngami abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli.

AmaHubo 71:10

ngokuba izitha zami zikhuluma ngami, nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana,

IsiLilo 3:60

Uyabona konke ukuphindisa kwabo nawo onke amacebo abo ngami.

IsiLilo 3:61

Uyezwa inhlamba yabo, Jehova, nawo onke amacebo abo ngami,

IsiLilo 3:62

izindebe zabangivukeleyo nemicabango yabo ngami izinsuku zonke.

IzAga 8:15

Amakhosi abusa ngami, nababusi bamisa ukulunga.

IzAga 8:16

Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.

IzAga 9:11

Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi , neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.

IzEnzo 1:4

kwathi ehlangene nabo , wabayala ngokuthi : Ningamuki eJerusalema , kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami.

IzEnzo 22:18

ngambona; wathi kimi : Khawuleza uphume masinyane eJerusalema , ngokuba abazukwamukela ubufakazi bakho ngami.

IzEnzo 22:5

njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke ; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane , ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

IzEnzo 23:11

Ngobusuku obu landelayo iNkosi yema ngakuye , yathi: Yima isibindi ; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema , ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma. Icebo labaJuda lokumbulala uPawulu

IzEnzo 24:19

abaJuda abathile base-Asiya ababefanele ukuvela phambi kwakho , bangimangalele, uma benotho ngami.

KumaHeberu 10:7

Ngase ngithi : Bheka, ngiyeza -- emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami -- ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.

KwabaseFilipi 1:26

ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini. UPawulu uyabayala ukuba bahambe ngokwevangeli

KwabaseGalathiya 1:24

Ayesedumisa uNkulunkulu ngami.

KwabaseRoma 15:18

ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo,

NgokukaJohane 10:25

UJesu wabaphendula wathi: Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.

NgokukaJohane 10:9

Mina ngiyisango ; uma umuntu engena ngami , uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.

NgokukaJohane 15:26

Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba , uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.

NgokukaJohane 18:34

UJesu waphendula wathi: Uzisholo lokhu wena, noma kusho abanye kuwe ngami na?

NgokukaJohane 5:32

Ngomunye ofakaza ngami ; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile.

NgokukaJohane 5:37

NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami . Anizange nizwe izwi lakhe , anisibonanga isimo sakhe.

NgokukaJohane 5:39

Nihlola imibhalo , ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo ; yiyona efakaza ngami.

NgokukaJohane 5:46

Ngokuba uma benikholwa nguMose , beniyakukholwa yimina , ngokuba yena waloba ngami.

NgokukaJohane 6:57

Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile , nami ngiphila ngoBaba , lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.

NgokukaJohane 8:18

Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.

NgokukaLuka 24:44

Wayesethi kubo : Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.

NgokukaLuka 7:23

ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.

NgokukaLuka 9:26

Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni , lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.

NgokukaMarku 8:38

Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo , neNdodana yom untu iyakuba nezinhloni ngaye , lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.

NgokukaMarku 9:39

Kepha uJesu wathi : Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami.

NgokukaMathewu 11:6

ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.

NgokukaMathewu 26:31

Khona uJesu wathi kubo : Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe uk uthi: Ngiyakushaya umalusi , izimvu zomhlambi zihlakazeke ;

U-Isaya 37:28

Kepha ukuhlala kwakho , nokuphuma kwakho , nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.

U-Isaya 37:29

Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami , nangokuba ukuzidla kwakh o kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akh o netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

U-Isaya 66:19

Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo , ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo , nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami , zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.

UGenesise 20:13

Kwathi mhla uNkulunkulu engiphumisa endli ni kababa, ngathi kuye: Yilo umusa ozakungenzela wona: ezindaweni zonke esiyakufika kuzo, yisho ngami ukuthi: Ungumnewethu.

UGenesise 33:10

UJakobe wathi : Hhayi bo ; uma ngifumene umusa emehlweni akho , samukele isipho sami esandleni sami , ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.

UGenesise 39:17

Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi , wathi: Le nceku engumHeberu , osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami;

UGenesise 45:5

Manje ningabi buhlungu , ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.

UHezekeli 20:49

Ngathi: Awu, Nkosi Jehova! Bathi ngami: Asithi uyalinganisa ngezaga na?

UHoseya 7:13

Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi ! Bengiyakubahlenga min a labo abakhulume amanga ngami na?

UHoseya 7:15

Mina-ke ngafundisa, ngaqinisa izingalo zabo, nokho baceba okubi ngami.

UJobe 13:26

Ngokuba uloba okumunyu ngami, ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;

UJobe 19:18

Yebo, nezingane ziyangidelela; uma ngivuka, zikhuluma ngami.

UJobe 31:38

Uma umhlaba wami ukhalile ngami, nemisele yawo ililile kanyekanye;

UJobe 33:10

Bheka, uthola amathuba ngami, ungishaya isitha sakhe.

UJobe 33:7

Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa, nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.

UJobe 42:7

Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku- Elifazi umThemani : Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.

UJobe 42:8

Ngalokho zithatheleni izinkun zi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe , nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe , angiyikwenza kini njengobuwula benu , lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.

UJoshuwa 14:6

AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali ; uKalebi indodana kaJefune , umKhenizi, wathi kuye : Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.

UMika 7:8

Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile , ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.

UNehemiya 6:12

Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wayengamthumile , kepha wakhuluma leso siprofetho ngami eqashiwe ngoThobiya noSanibalati.

UNumeri 14:27

Koze kube nini le nhlangano embi ikhono na ngami na ? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.

UNumeri 14:29

izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane , nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami,

UNumeri 17:10

UJehova wathi kuMose : Buyisa intonga ka -Aroni ngaphambi kobufakazi , igcinwe ibe luphawu kubahlubuki , ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.

URuthe 1:21

Ngahamba ngigcwele , uJehova ungibuyise ngize ; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?