Skip to Content

"ngaphezu"

31 occurrences in ZUL

2 iziKronike 24:20

UMoya kaNkulunkulu wembesa uZakariya indodana kaJehoyada umpristi; wema ngaphezu kwabantu , wathi kubo : Usho kanje uNkulunkulu , uthi: Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na ? Ngokuba nimshiyile uJehova, naye unishiyile nina.

2 kwabaseKorinte 10:13

Kepha thina asiyikuzibonga ngaphezu kokulinganisa, kodwa ngesilinganiso sendawo esiyisilinganiso asilinganisele sona uNkulunkulu , ukuze sifinyelele nakini.

2 kwabaseKorinte 10:15

singazibongi ngemisebenzi yabanye ngaphezu kokulinganisa , kepha sinethemba lokuthi ngokukhula kokukholwa kwenu , siyakukhuliswa kakhulu impela kini endaweni yethu,

2 kwabaseKorinte 1:8

Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e- Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu , saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.

AmaHubo 27:6

Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakam a ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe , ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.

AmaHubo 7:7

Umhlangano wezizwe mawukuphahle, ubuyele phezulu ngaphezu kwawo.

IsAmbulo 20:3

yamphonsa-ke kw alasha, yamvalela phakathi , yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe , ukuze angabe esadukisa izizwe , ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana. Ukuvuka kokuqala. Umbuso weminyaka eyinkulungwane

IsAmbulo 20:9

Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba , zakaka ikamu labangcwele nomuzi othandiweyo ; kwehla umlilo uvela ezulwini , wazidla waziqeda;

IzEnzo 19:39

Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho , kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo.

KuFilemoni 1:16

angabi esaba njengesigqila , kodwa abe ngaphezu kwesigqila , engumzalwane othandekayo , kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.

KumaHeberu 1:9

Uthandile ukulunga , wazonda ububi ; ngalokho-ke uNkulunkulu , uNkulunkulu wakho , ukugcobile ngamafutha enjabul o ngaphezu kwabafowenu,

Kwabase-Efesu 1:21

ngaphezu kwakho konke ukubusa , negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo;

Kwabase-Efesu 4:10

Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke , ukuze agcwalise konke.

NgokukaLuka 11:44

Maye kinina , ngokuba nifana namathuna angasabonakaliyo , nabantu abahamba ngaphezu kwawo bengawazi!

NgokukaLuka 3:13

Wathi kubo: Ningabizi lutho ngaphezu kwenikumiselweyo.

NgokukaMathewu 27:37

Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi : LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA.

U-Ezra 9:6

ngathi: Nkulunkulu wami , nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nku lunkulu wami , ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhand a ethu , namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini.

U-Isaya 6:2

Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi ; yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso , nangamabili lamboza izinyawo , nangamabili landiza.

UDaniyeli 3:19

Khona uNebukadines ari wagcwala ukufutheka , nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki , noMeshaki, no-Abedi Nego ; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.

UDuteronomi 10:15

Nokho uJehova wanamathela koyihlo , wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla.

UDuteronomi 14:2

Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu ; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.

UDuteronomi 17:20

inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo , angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo , ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe , yena nabantwana bakhe phakathi kuka - Israyeli.

UDuteronomi 30:5

uJehova uNkulunkulu wakho akungenise ezweni oyihlo abalidlayo , ulidle; uyakukwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kwawoyihlo.

UDuteronomi 7:14

Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke , kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.

UDuteronomi 7:22

UJehova uNkulunkulu wakho uyakuxosha lezo zizwe phambi kwakho kancane kancane , ungaziqedi masinyane , funa izilwane zasendle zande ngaphezu kwakho.

UGenesise 28:13

Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo , wathi: NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho.

UGenesise 48:22

Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engalu thatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.

UJeremiya 17:9

Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?

ULevitikusi 11:21

Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko , ezihamba ngezinyawo zozine , ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;

UNehemiya 9:5

AmaLevi oJeshuwa , noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi : Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.

UNumeri 7:89

Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye , wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.