Skip to Content

"ngegazi"

60 occurrences in ZUL

1 kaPetru 1:19

kodwa ngegazi el inqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala , elingenabala;

1 kaPetru 1:2

bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu : Makwandiswe kinina umusa nokuthula. UPetru ubonga uNkulunkulu ngethemba eliphilileyo labakholwayo

2 AmaKhosi 24:4

nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.

2 iziKronike 29:22

Base bezihlaba izinkunzi; abapristi bamukela igazi, bafafaza ngalo i-altare; bazibulala izinqama , bafafaza i -altare ngegazi ; bawabulala amawundlu , bafafaza i-altare ngegazi.

2 iziKronike 29:24

abapristi bazihlaba , benza umnikelo wesono ngegazi lazo e -altare ukuba benzele u -Israyeli won ke ukubuyisana , ngokuba inkosi yayaleza ukuba umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono ube ngoka-Israyeli wonke.

2 iziKronike 30:16

Bema ezindaweni zabo njengehlelo labo ngokomthetho kaMose , umuntu kaNkulunkulu; abapristi bafafaza ngegazi elalisesandleni samaLevi.

2 uSamuweli 3:28

Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi lika -Abineri indodana kaNeri;

IsAmbulo 12:11

Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.

IsAmbulo 19:13

wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu.

IsAmbulo 1:5

nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba . Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe

IsAmbulo 5:9

Ahlabelela igama elisha , athi: Ufanele wena ukuyithabatha incwad i nokuvula izimpawu zayo , ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,

IsiLilo 4:14

Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini, bengcolile ngegazi ngangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.

IzEnzo 20:28

Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.

KumaHeberu 10:19

Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu

KumaHeberu 11:28

Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi , ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.

KumaHeberu 13:20

Kepha uNku lunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,

KumaHeberu 9:12

wangena kanye kuphela endaweni engcwele , kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.

KumaHeberu 9:14

kakhulu kangakanani igazi likaKristu o wazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzi ni efileyo , ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. UKristu ungumlamuleli wesivumelwano esisha ngegazi lakhe

KumaHeberu 9:21

Netabernakele futhi, nezitsha zonke zenkonzo wakufafaza kanjalo ngegazi.

KumaHeberu 9:22

Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho ; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.

Kwabase-Efesu 1:7

esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe , ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe

Kwabase-Efesu 2:13

Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.

KwabaseKolose 1:20

nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo , yebo ngayo , nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.

KwabaseRoma 5:9

Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe , siyakusindiswa ngaye olakeni.

U-Eksodusi 12:22

Nothatha isithungu sehisopi , nisicwilise egazini elisemcengezini , nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini ; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.

U-Eksodusi 23:18

Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo wami kanye nesinkwa esivutshelweyo. Amanoni omkhosi wami awayikusala bonke ubusuku kuze kuse.

U-Eksodusi 29:20

Woyihlaba inqama , uthabathe igazi layo , ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka -Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe , nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi.

U-Eksodusi 30:10

U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka ; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova. Imali yokubuyisana

U-Eksodusi 34:25

Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo womkhosi wephasika kuze kuse.

U-Isaya 34:3

Ababuleweyo bazo balahliwe , nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo ; izintaba zincibilika ngegazi labo.

U-Isaya 34:5

Ngokuba i nkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini ; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.

UDuteronomi 32:42

Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi , inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa , kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.

UHezekeli 14:19

Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelo zwe , ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane,

UHezekeli 22:4

ngegazi olichithileyo un ecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile ; usondezile izinsuku zakho , ufikile eminyakeni yakho ; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke.

UHezekeli 32:6

Ngiyakuliminzisa izwe lokukhukhula kwakho ngegazi lakho kuze kube sezintabeni, imifudlana igcwale ngawe.

UHezekeli 43:18

Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nazi izimiso ze -altare mhla beyakulenza ukuba bashise umnikelo wokushiswa phezu kwalo, balifafaze ngegazi.

UJeremiya 19:4

Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe , bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo , abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,

UJeremiya 46:10

Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti , usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye . Inkemba iyakudla isuthe , izanelise ngegazi labo , ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inom hlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.

ULevitikusi 14:52

ahlambulule indlu ngegazi lenyoni ezwayo nangomsedari nangehisopi nangendwangu ebomvu,

ULevitikusi 16:14

athabathe kulo igazi lenkunzi , afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe , nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.

ULevitikusi 16:15

Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo , enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,

ULevitikusi 16:19

Uyakulifafaza ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe , alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwa-Israyeli.

ULevitikusi 17:6

Umpristi wofafaza ngegazi i -altare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuJehova.

ULevitikusi 1:11

Alihlabe ngasohlangothini lwe -altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka -Aroni, abapristi, afafaze i -altare ngegazi lalo nxazonke.

ULevitikusi 1:5

Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze -altare elingasemnyango weten de lokuhlangana.

ULevitikusi 3:13

abeke isandla sakhe enhloko yayo, ayihlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi layo.

ULevitikusi 3:2

Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe , awuhlabe ngasemnyango wetende lokuhlangana , amadodana ka -Aroni, abapristi, afafaze i-altare nxazonke ngegazi.

ULevitikusi 3:8

abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe , awuhlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana , amadodana ka -Aroni afafaze i -altare nx azonke ngegazi lawo.

ULevitikusi 4:6

umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini , afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.

ULevitikusi 5:9

afafaze uhlangothi lwe -altare ngegazi lomnikelo weson o, igazi eliseleyo likhanyelwe ngasesinqeni se-altare; kungumnikelo wesono.

ULevitikusi 6:27

Konke okuyakuthinta inyama yawo kuyakuba ngcwele; nxa ingubo ifafazwa ngegazi lawo, lapho kufafazwe khona uyakukugeza endaweni engcwele.

ULevitikusi 7:14

Athabathe kuwo libe linye njalo eminikelweni yakhe , libe ngumnikelo ophakanyiswayo kuJehova , libe ngelompristi ofafaza ngegazi leminikelo yokuthula.

ULevitikusi 7:2

Endaweni abahlabela kuyo umnikelo wokushiswa , bayakuwuhlabela khona umnikelo wecala, kufafazwe i-altare nxazonke ngegazi lawo.

ULevitikusi 7:33

Lowo phakathi kwamadodana ka -Aroni onikela ngegazi leminikelo yokuthula nangamanoni koba ngowakhe umlenze wokunene , ube yisabelo sakhe.

ULevitikusi 8:19

Wayihlaba, uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.

ULevitikusi 8:24

Wayeseletha amadodana ka -Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.

UMika 3:10

enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,

UNumeri 18:17

Kepha izibulo lenkomo , noma izibulo lemvu , noma izibulo lembuzi , awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i -altare ngegazi lazo , ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.

UNumeri 19:4

u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe , afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso,

UNumeri 35:33

Aniyikungcolisa izwe enikulo , ngokuba igazi liyalingcolisa izwe ; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.