Skip to Content

"ngeminyaka"

31 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:22

Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu ; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide , nesiliva, nezimpondo zendlovu , nezimfene, namapikoko.

1 AmaKhosi 10:25

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

1 AmaKhosi 5:11

USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni , ukudla kwabendlu yakhe , namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo ; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.

1 kwabaseKorinte 7:36

Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe , uma isikhulile ngeminyaka , akenze akubonayo , uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane.

1 uSamuweli 1:3

Lowo muntu weny uka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo . Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova.

1 uSamuweli 1:7

Kwathi ukuba u -Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka , lapho enyukela endlini kaJehova , wamncokoloza kanjalo ; ngalokho wakhala , akadlanga lutho.

1 uSamuweli 20:6

Uma uyihlo engifica ngingekho , wothi: U Davide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe , ngokuba kukhona lapho umhlatsh elo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.

1 uSamuweli 2:19

Futhi unina wamenzela ijazana , waliyisa kuye iminyaka ngeminyaka esenyuka nomyeni wakhe ukuyonikela ngomhlatshelo weminyaka yonke.

1 uSamuweli 7:16

Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza , waya eBethele , naseGiligali, naseMispa; wahlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.

2 iziKronike 24:5

Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku -Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba. Kepha amaLevi awasheshanga.

2 iziKronike 9:21

Ngokuba inko si yayinemikhumbi eyaya eTharishishi kanye nezinceku zikaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.

2 iziKronike 9:24

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

AbAhluleli 21:19

Athi: Bheka, kukhona umkhosi kaJehova iminyaka ngeminyaka eShilo elingasenyakatho kwaseBethele ngasempumalanga komendo okhuphuka eBethele uya eShekemi nangaseningizimu kwaseLebona.

AmaHubo 77:5

Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo, ngeminyaka yaphakade.

IzEnzo 20:31

Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.

KumaHeberu 10:1

Ngokuba lokhu umthetho unes ithunzi sezinto ezinhle ezizayo , ungesiwo umfanekiso wazo uqobo , ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;

KumaHeberu 10:3

Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka;

KumaHeberu 9:25

kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi , njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka , ephethe igazi elingesilo elakhe;

U-Eksodusi 13:10

Ngakho uyakuwugcina lo mthetho ngesikhathi sawo iminyaka ngeminyaka.

UDuteronomi 14:22

Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithe lo zembewu yakho , lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka,

UDuteronomi 15:20

Uyakulidla phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho iminyaka ngeminyaka endaweni uJehova ayakuyikhetha, wena nabendlu yakho.

UGenesise 41:34

Makenze njalo uFaro , abeke ababonisi phezu kwezwe , bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala.

UGenesise 41:47

Ngeminyaka eyisikhombisa yenala umhlaba wathela kakhulu.

UHezekeli 38:8

Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa ; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni , liqoqwe ezizweni eziningi , ezintabeni zakwa -Israyeli ezaziyincithakalo njalo , eselikhishiwe kubantu , bahlale belondekile bonke.

UJobe 30:1

Kepha manje abancan e ngeminyaka kunami bayangihleka , oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.

UJobe 32:6

U-Elihu, indodana kaBa rakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami.

ULevitikusi 25:53

Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye ; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.

ULevitikusi 27:18

Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili , umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kuf ike umnyaka wejubili , kuncishiswe ukulinganisa kwakho.

UNehemiya 10:34

Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunku lu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,

UNehemiya 10:35

kulethwe endlini kaJehova ulibo lomhlabathi wethu nolibo lwezithelo zemithi yezinhlobo zonke iminyaka ngeminyaka,

UZakariya 14:16

Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.