Skip to Content

"ngendodana"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:5

UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe , ngokuba iyagula ; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.

1 kaJohane 5:10

Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe . Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga , ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.

1 kaJohane 5:9

Uma samukela ubufakazi babantu , ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe.

2 uSamuweli 19:2

Ukunqoba ngalolo suku kwaphenduka isililo kubantu bonke , ngokuba abantu bezwa kwathiwa ngalolo suku: Inkosi idabukile ngendodana yayo.

EkaJakobe 2:21

U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?

KumaHeberu 1:2

ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.

KumaHeberu 1:8

Kepha ngeNdodana uthi : Isihlalo sakho sobukhosi , Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.

NgokukaJohane 3:16

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka , waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

NgokukaLuka 12:10

Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa , kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele kayikuthethelelwa.

NgokukaLuka 18:31

Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili , wathi kubo : Bhekani, sikhuphukela eJerusalema ; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka.

NgokukaLuka 2:7

Wazibula ngendodana , wayembesa, wayilalisa emkhombeni , ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.

NgokukaMarku 9:12

Wayesethi kubo : Nempela u -Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke ; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?

NgokukaMathewu 1:25

akaze aya kuye , waze wazibula ngendodana ; wayiqamba igama lokuthi uJesu.