Skip to Content

"ngenyama"

10 occurrences in ZUL

2 kaJohane 1:7

Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.

Kwabase-Efesu 2:15

ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula,

KwabaseGalathiya 4:14

nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga , aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunk ulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.

KwabaseGalathiya 6:13

Ngokuba ngisho bona abasokayo nabo kabawugcini umthetho , kodwa bathanda ukuba nisoke, ukuze bazibonge ngenyama yenu.

KwabaseRoma 7:25

Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yet hu. Ngalokho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo kepha umthetho wesono ngenyama.

UGenesise 2:21

UJehova uNkulunkulu wamehlis ela umuntu ubuthongo obunzima , walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.

UHezekeli 44:7

lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele , bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami , nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.

UHezekeli 44:9

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Akuyikungena endlini yami engcwele owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama kubo bonke abezizwe abaphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

UJobe 19:22

Ningizingelelani njengoNkulunkulu, ningasuthi ngenyama yami na?

UJobe 31:31

uma abantu betende lami bengashongo ukuthi : Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na? --