Skip to Content

"ngesibindi"

18 occurrences in ZUL

2 kwabaseKorinte 10:2

ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama.

IzEnzo 13:46

Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi , bathi: Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu li khulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade , bhekani, sesiphendukela kwabezizwe.

IzEnzo 14:3

Nokho bahlala isikhathi eside , befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafa kazela izwi lomusa wayo , ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.

IzEnzo 18:26

yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni . Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu.

IzEnzo 19:8

Wayesengena esinagogeni , wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu , eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu.

IzEnzo 24:10

Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume , uPawulu waphendula wathi : Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizw e, ngiyaziphendulela ngesibindi;

IzEnzo 26:26

Ngokuba inkosi engikhuluma kuyo ngesibindi iyazi ngalezi zinto, ngokuba angikholwa ukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekile kuyo ; ngokuba lokhu akwenziwanga engosini.

IzEnzo 4:31

Kwathi sebekhulekile , kwazanyazanyiswa indawo lapho beb ebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele , bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi. Ukuhlanganyela kwebandla izinto zonke

IzEnzo 9:27

Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endle leni, nokuthi ikhulumile kuye , nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.

IzEnzo 9:28

Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi,

KumaHeberu 13:6

ukuze sisho ngesibindi , sithi: INkosi ingumsizi wami , angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?

KumaHeberu 4:16

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Kwabase-Efesu 6:19

ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi , nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;

Kwabase-Efesu 6:20

engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga , ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume. Isigcino

KwabaseFilipi 1:20

njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo , kepha ngesibindi sonke , njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami , nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.

KwabaseRoma 15:15

Kepha nginilobele kokunye ngesibindi njengonikhumbuzayo futhi ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu

NgokukaMarku 15:43

kwafika uJosefa wase -Arimatheya, ilunga elidumileyo lomphakathi , owayewubheka naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu.

UGenesise 34:25

Kwathi ngosuku lwesithathu bese nobuhlungu , amadodana amabili kaJakobe, oSimeyoni noLevi, abanewabo bakaDina, bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa.