Skip to Content

"ngezindlela"

40 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:33

ngokuba bangishiy ile, bakhuleka ku -Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi , nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa -Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami , nezimiso za mi, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.

1 AmaKhosi 11:38

Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami , ngiyakuba nawe , ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.

1 AmaKhosi 22:43

Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise , kaphambukanga kuzo , enza okulungile emehlweni kaJehova . Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela , babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

1 AmaKhosi 3:14

Uma uhamba ngezindlela zami , ugcine izimiso zami nemiyalo yami , njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.

1 AmaKhosi 8:58

ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba.

1 uSamuweli 8:3

Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe , kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo. Abakwa-Israyeli bafuna inkosi

1 uSamuweli 8:5

athi kuye: Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.

2 AmaKhosi 21:21

Wahamba ngezindlela zonke uyise ahamba ngazo , wakhonza izithombe azikhonzayo uyise, wakhuleka kuzo;

2 iziKronike 17:3

UJehova wayenaye uJehoshafati , ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali,

2 iziKronike 21:12

Kwafika kuye incwadi iphuma ku -Eliya umprofethi , ithi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngokuba ungahambanga ngezindlela zikaJehoshafati uyihlo nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda,

2 iziKronike 22:3

Naye wahamba ngezindlela zendlu ka -Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.

2 iziKronike 28:2

kepha wahamba ngezindlela zamakh osi akwa-Israyeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo.

2 iziKronike 34:2

Wenza okulungile emehlweni kaJehova , wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

2 iziKronike 6:31

ukuba bakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuhamba kwabo ezweni owalinika obaba.

2 kwabaseKorinte 11:6

Noma ngiyibhimbi lokukhuluma , nokho angisilo ngokwazi ; lokhu sikubonakalisile kinina ngezindlela zonke ezintweni zonke.

AmaHubo 119:59

Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho.

AmaHubo 128:1

Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.

AmaHubo 138:5

Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova , ngokuba in kulu inkazimulo kaJehova.

IzAga 14:14

Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe , nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.

IzAga 28:18

Ohamba ekupheleleni uyakusinda , kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.

IzAga 28:6

Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakh e kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.

IzAga 2:13

abashiya imikhondo yobuqotho, ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;

IzEnzo 14:16

othe ngezizukulwane ezidlulileyo way eka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo.

KwabaseFilipi 1:18

Kunani pho ? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke , noma ngokuzenzisa noma ngesiminya ; kulokho-ke ngiyathokoza , yebo, ngiyakuthokoza,

KwabaseRoma 3:2

Kukhulu ngezindlela zonke . Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.

U-Isaya 41:3

Uyabaxosha, adlule kahle ngezindlela angazihambanga ngezinyawo.

U-Isaya 42:24

Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe , no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova , esonile kuye , nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?

U-Isaya 58:13

Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isa batha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo , nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo , uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,

UDuteronomi 10:12

Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,

UDuteronomi 19:9

uma ugcina yonke le miyal o ukuba uyenze , engikuyala ngakho namuhla , umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe njalo ngezindlela zakhe , wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu

UDuteronomi 28:25

UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezi tha zakho , uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo , ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.

UDuteronomi 28:7

UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye , zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.

UDuteronomi 30:16

ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe , ukuze uphile , wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

UHezekeli 16:47

Awuhambanga ngezindlela zabo , awenzanga ngezinengiso zabo , kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje , wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo.

UHezekeli 36:17

Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balin gcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo ; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe.

UJeremiya 18:15

Ngokuba abantu bami bangikhohliwe , bashisela okuyize impepho , bakhubeka ezindleleni zabo , emendweni yasendul o ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,

UJeremiya 7:23

kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi : Lalelani izwi lami , ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami , nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.

UJobe 6:18

Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka , benyukela oqwathuleni , babhubhe.

UZakariya 3:7

Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami , uyakwahlulela endlini yami , ugcine namagceke ami ; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.

UmShumayeli 11:9

Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho , inhliziyo yakho ikuphe ukwenam a emihleni yobunsizwa bakho , uhambe ngezindlela zenhliziyo yakh o njengokubona k wamehlo akho , kepha yazi ukuthi ngakho konke lokh o uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.