"ngezinhloko"
7 occurrences in ZUL
Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamaga ma ngezinhloko zabo , abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo , indoda ngendoda , wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili.
Bonke labo babe ngamadodana kaJediyayeli ngezinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla , beyizinkulungwane eziyishumi nesikhombisa namakhulu amabili abangaphuma impi ukuyokulwa.
Babutha inhlangano yonke ngolokuqala lwenyanga yesibili , basho okhokho babo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , ngezinhloko zabo.
Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo , bonke abesilisa ngezinhloko zabo;
Abantwana bakwaRubeni , izibulo lika -Israyeli, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wam agama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise , labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama , ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: