Skip to Content

"ngichithe"

8 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 20:20

UJowabe waphendula wathi : Makube kude , makube kude nami ukuba ngigwinye noma ngichithe.

UGenesise 7:4

Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane , ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.

UHagayi 2:22

ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso , ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo ; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.

UHezekeli 25:16

ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti , nginqume amaKhereti , ngichithe insali yasogwini lolwandle.

UHezekeli 30:12

Ngiyakwenza imifula ishe, ngithengise ngezwe esandleni sababi , ngichithe izwe nokugcwala kwalo ngesandla sabafokazi; mina Jehova ngikukhulumile.

UHezekeli 6:3

Nina zintaba zakwa -Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma , kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi , lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba , ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.

UJeremiya 49:38

Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e -Elamu, ngichithe khona inkosi nezikhulu, usho uJehova.

UMika 5:10

Kuyakuthi ngal olo suku , usho uJehova , nginqume amahhashi akho phakathi kwakho, ngichithe izinqola zakho,