Skip to Content

"ngidle"

15 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 2:36

Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva neqebelen gwane lesinkwa , bathi: Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zompristi ukuba ngidle ucezu lwesinkwa.

2 uSamuweli 11:11

U-Uriya wathi kuDavide : Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle ; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.

2 uSamuweli 13:10

Wayesethi u -Amnoni kuTamari : Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho. UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.

2 uSamuweli 13:6

Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini : Ake kuze uTamari udadewethu , enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.

IsAmbulo 3:20

Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha ; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.

NgokukaLuka 10:25

Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile , samlinga sathi : Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

NgokukaLuka 17:8

Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: Lungisa engizakukudla , uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena, na?

NgokukaLuka 18:18

Umbusi othile wayesembuza ethi : Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

NgokukaMarku 10:17

Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye , waguqa ngamadolo phambi kwakhe , wambuza wathi : Mfundisi omuhle , ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

UDuteronomi 2:28

Uyakuthengisa kimi ukudla ngemali ukuba ngidle, ningiphe amanzi ngemali ukuba ngiphuze; mangidabule kuphela ngezinyawo,

UDuteronomi 9:4

Ungakhulumi enhliziyweni yakho , uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho , ngokuthi: Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe , ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.

UGenesise 25:30

U-Esawu wathi kuJakobe : Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu , kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe, ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.

UGenesise 27:25

Wayesethi: Sondeza kimi , ngidle inyamazane yendodana yami ukuba umphefumulo wami ukubusise . Wayeseyisondeza kuye, wadla; wayisa kuye iwayini, waphuza.

UGenesise 27:4

ungilungisele isilovela engisithandayo , usilethe kimi ukuba ngidle , umphefumulo wami ukubusise ngingakafi.

UGenesise 27:7

Ngilethele inyamazane , ungilungisele isilovela , ukuze ngidle , ngikubusise ebusweni bukaJehova ngingakafi.