Skip to Content

"ngikhona"

18 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 5:3

Ngokuba mina ngokwami , noma ngingekho ngomzimba , nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owe nze okunjalo ukuba

2 kwabaseKorinte 10:1

Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona , kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,

2 kwabaseKorinte 10:2

ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama.

2 kwabaseKorinte 11:9

nalapho ngikhona kini ngiswele , angibanga mthwalo kumuntu , ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami ; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda.

2 kwabaseKorinte 13:10

Ngalokho ngilob a lezi zinto ngingekho , ukuze, nxa ngikhona , ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube ngawokwakha , kungabi ngawokubhidliza. Isigcino

2 kwabaseKorinte 13:2

Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye , nakalokhu ngisho ngaphambili -- ngisho manje ngingekho , njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili -- ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa.

IzEnzo 9:10

Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: Ananiya! Yena wathi: Ngikhona, Nkosi.

KwabaseFilipi 2:12

Ngakho-ke, bathandiweyo bami , njengalokho nila lele ngezikhathi zonke , kungesikho nxa ngikhona kuphela , kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho , fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,

KwabaseGalathiya 4:18

Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo , kungabi nxa ngikhona kini kuphela,

KwabaseKolose 2:5

Ngokuba noma ngingekho ngomzimba , nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.

NgokukaJohane 12:26

Uma umuntu engikhonza , akangilandele; nalapha ngikhona mina , soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.

NgokukaJohane 14:3

Nanxa ngiya nginilungisela indawo , ngobuye ngize , nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.

NgokukaJohane 17:24

Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona ; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.

NgokukaJohane 7:33

Ngakho-ke uJesu wathi : Kuseyisikhashana ngikhona kini , besengimuka, ngiye kongithumileyo.

NgokukaJohane 7:34

Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina.

NgokukaJohane 7:36

Lizwi lini leli alishoyo lokuthi : Niyakungifuna, ningangifumani, nokuthi: Lapho ngikhona, ningeze nina, na? Amanzi okuphila

NgokukaMathewu 18:20

Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami , ngikhona lapho phakathi kwabo.

UZefaniya 2:15

Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile , owathi enhliziyweni yawo : Mina ngikhona , akakho omunye ; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane ! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa , banikine isandla sabo.