Skip to Content

"ngikhuluma"

33 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 2:7

engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli -- ngikhuluma iqiniso , angiqambi amanga -- yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.

1 kwabaseKorinte 10:15

Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo.

1 kwabaseKorinte 13:1

Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi , kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

1 kwabaseKorinte 14:18

Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke;

1 kwabaseKorinte 14:6

Manje-ke, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi , ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambula , noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngokufundisa na?

2 kwabaseKorinte 11:21

Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathak a. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho -- ngikhuluma ngobuwula -- nami nginesibindi ngakho.

2 kwabaseKorinte 12:6

Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga , bengingezukuba yisiwula ; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso , kepha ngiyayeka , funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.

2 kwabaseKorinte 6:13

kepha ukuze kube khona ukwenanana , ngikhuluma njengakubantwana , yanulekani nani.

AmaHubo 120:7

Ngingowokuthula; kepha uma ngikhuluma, bangabalwayo.

AmaHubo 45:1

Inhliziyo yami iyachichima ngendaba enhle; ngikhuluma igama engiliqambe ngenkosi; ulimi lwami lulusiba loloba ngokushesha.

IzEnzo 26:25

Kepha uPawulu wathi : Angihlanyi, Festu odumileyo , kodwa ngikhuluma amazwi ayiqiniso nawokuqonda.

Kwabase-Efesu 5:32

Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.

KwabaseRoma 11:13

Ngikhuluma kini nina bezizwe . Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami

KwabaseRoma 7:1

Kanti anazi yini , bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawazi umthetho , ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esekhona na?

KwabaseRoma 9:1

Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu , angiqambi amanga , unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele

NgokukaJohane 17:13

Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.

NgokukaJohane 8:28

Wayesethi uJesu : Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu , khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokut hi angenzi lutho ngokwami , kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.

NgokukaJohane 8:38

Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba ; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.

NgokukaJohane 8:45

Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi.

NgokukaJohane 8:46

Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na ? Uma ngikhuluma iqiniso , anikholwa yimi ngani na?

NgokukaMathewu 13:13

Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso , ngokuba noma bebon a, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi.

U-Eksodusi 19:9

UJehova wathi kuMose : Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe , bakholwe nguwe kuze kube phakade . UMose walandisa uJehova amazwi abantu.

U-Isaya 45:19

Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi : Ngifuneni ngeze . Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.

UHezekeli 11:25

Ngase ngikhuluma kubathunjwa zonke izinto uJehova angibonisile zona.

UHezekeli 24:18

Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.

UHezekeli 3:27

Kepha lapho ngikhuluma nawe, ngiyakuwuvula umlomo wakho, wena uthi kubo: Isho njalo iNkosi uJehova . Ozwayo makezwe , onganakiyo kayeke , ngokuba bayindlu ehlubukayo.

UJeremiya 18:7

Ngesikhathi esithile , lapho ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwusiphula, nokuwudiliza, nokuwuchitha,

UJeremiya 18:9

Ngesinye isikhathi ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwakha nokuwutshala;

UJeremiya 20:8

Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.

UJeremiya 27:16

Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane. Ngokuba baprofetha amanga kini.

UJeremiya 31:20

U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye , ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela ; ngiyakuba nesihe impela kuye, usho uJehova.

UJeremiya 35:14

Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.

UJobe 16:6

Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga; noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na?