Skip to Content

"ngilapha"

20 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 12:3

Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani , ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.

1 uSamuweli 22:12

USawule wathi: Yizwa-ke, wena ndodana ka-Ahithubi. Waphendula wathi: Ngilapha, nkosi.

1 uSamuweli 3:16

U-Eli wayesembiza uSamuweli , wathi: Samuweli, ndodana yami ! Wathi: Ngilapha.

1 uSamuweli 3:4

uJehova wambiza uSamuweli; wathi yena: Ngilapha.

1 uSamuweli 3:5

Wagijimela ku -Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile . Wathi: Angikubizanga; buya ulale. Wahamba, walala.

1 uSamuweli 3:6

UJehova waphinda wambiza uSamuweli . USamuweli wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile . Wathi: Angikubizanga, ndodana yami; buya ulale.

1 uSamuweli 3:8

UJehova wambiza uSamuweli ngokwesithathu. Wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile. U-Eli wayeseqonda ukuthi nguJehova ombizile umntwana.

2 uSamuweli 15:26

kepha uma esho kanje, ethi: Angithokozi ngawe, bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe.

2 uSamuweli 1:7

Lapho ebheka emuva , wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi : Ngilapha.

U-Eksodusi 3:5

Wathi: Ngilapha. Wayesethi: Ungasondeli lapha; khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.

U-Isaya 52:6

Ngalokho abantu bami bayakulazi igama lami ; ngalokho bayakuqonda ngalolo suku ukuthi yimi engikhulumileyo; bhekani, ngilapha.

U-Isaya 58:9

Khona wena uyakubiza , kusabele uJehova ; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. Uma ususa phakathi kwakho ijoka , nokukhomba ngomunwe , nokukhuluma okubi,

UGenesise 22:1

Kwathi emva kwalezo zinto uNkulunkulu wamvinvinya u -Abrahama, wathi kuye: Abrahama! Yena wathi: Ngilapha.

UGenesise 22:11

Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini , ithi: Abrahama, Abrahama! Yena wathi: Ngilapha.

UGenesise 22:7

U-Isaka wathi ku -Abrahama uyise : Baba. Wathi yena : Ngilapha, ndodana yami. Wayesethi: Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na?

UGenesise 27:1

Kwathi u -Isaka esemdala namehlo akhe efiphele engasaboni, wabiza u - Esawu indodana yakhe enkulu , wathi kuye : Ndodana yami ! Wathi kuye : Ngilapha.

UGenesise 27:18

Yena waya kuyise , wathi: Baba! Wathi yena : Ngilapha; ungubani wena ndodana yami na?

UGenesise 31:11

Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: Jakobe! Ngathi: Ngilapha.

UGenesise 37:13

U-Israyeli wathi kuJosefa : Abafowenu abawalusi umhlambi eShekemi na ? Woza, ngiyakukuthuma kubo. Wathi kuye: Ngilapha.

UGenesise 46:2

UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono yasebusuku, wathi: Jakobe, Jakobe! Wathi: Ngilapha.