Skip to Content

"ngiphe"

17 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:2

U-Ahabi wakhuluma kuNaboti , wathi: Ngiphe isivini sakho ukuba sibe yisivande sami semifino , ngokuba siseduze nendlu yami , ngikunike isivini esihle kunaso esikhundleni saso ; kepha uma kukuhle emehlweni akho , ngiyakukunika isiliva libe yintengo yaso.

1 AmaKhosi 21:6

Wathi kuye : Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli , ngathi kuye : Ngiphe isivini sakho ngesiliva ; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso; kodwa wathi: Angiyikukunika isivini sami.

2 iziKronike 1:10

Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume , ngingene phambi kwalabo bantu , ngokuba ngubani ongahlulela labo bantu bakho abakhulu kangaka na?

AbAhluleli 1:15

Wathi kuye : Ngiphe isipho ; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi. UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.

AmaHubo 119:125

Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.

AmaHubo 119:144

Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade ; ngiphe ukuqonda uku ba ngiphile.

AmaHubo 119:34

Ngiphe ingqondo , ukuze ngiqaphele umthetho wakho , ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.

AmaHubo 119:73

Izandla zakho zingenzile , zangibumba; ngiphe ingqondo , ukuze ngifunde imiyalo yakho.

IzAga 23:26

Ndodana yami , ngiphe inhliziyo yakho , amehlo akho enamele izindlela zami.

IzAga 30:8

Dedisela kude nami okuyize namanga , unganginiki ubumpofu nengcebo , kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,

NgokukaJohane 4:15

Owesifazane wathi kuye : Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.

NgokukaMathewu 14:8

Yona isifundisiwe ngunina yathi : Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.

UGenesise 14:21

Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: Ngiphe abantu, uzithathele impahla.

UGenesise 30:1

URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana , uRaheli waba no mhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe : Ngiphe abantwana , funa ngife.

UGenesise 30:26

Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzele ngabo , ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.

UHoseya 13:10

Iphi inkosi yakho manje ukuba ikusindise emizini yakho yonke; nabahluleli bakho, wena owathi: Ngiphe inkosi nezikhulu ?

UJoshuwa 15:19

Wathi: Ngiphe isipho ; lokhu unginike izwe laseningizimu , ngiphe nemithombo yamanzi . Wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.