Skip to Content

"ngiyakuba"

40 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:38

Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami , ngiyakuba nawe , ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.

1 AmaKhosi 14:2

UJerobowamu wathi kumkakhe : Ake usuke uzifihle , ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo ; bheka, u-Ahiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakuba yinkosi phezu kwalaba bantu.

1 AmaKhosi 1:5

U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa , wathi: Mina ngiyakuba yinkosi. Wazilungiselela izinqola , nabamahhashi, nabantu abangama shumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe.

1 iziKronike 17:13

Mina ngiyakuba nguyise , yona ibe yindodana yami ; angiyikuyaphuca umusa wami, njengalokho ngamaphuca owayephambi kwakho.

1 kwabaseKorinte 14:11

Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi.

2 kaPetru 1:12

Ngakho-ke ngiyakuba yilokhu nginikhumbuza njalo ngalezo zinto , nakuba nizazi, nime niqinile eqinisweni elikhona.

2 kwabaseKorinte 6:16

Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na ? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.

2 uSamuweli 15:34

kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo , manje ngiyakuba yinceku y akho, khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli.

2 uSamuweli 16:18

Wayesethi uHushayi ku-Abisalomu: Qha, lo okhethwe nguJehova, nayilaba bantu, nangabantu bonke bakwa-Israyeli, ngiyakuba ngowakhe , ngihlale naye.

2 uSamuweli 16:19

Futhi ngikhonze bani n a? Kungabi phambi kwendodana yakhe na ? Njengalokho ngakhonza phambi kukayihlo , kanjalo ngiyakuba phambi kwakho.

2 uSamuweli 7:14

Mina ngiyakuba nguyise , yona ibe yindodana yami ; uma yenza okubi , ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu,

AbAhluleli 11:9

Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi : Uma ningibuyi sa ukulwa nabantwana bakwa -Amoni, uJehova abanikele phambi kwami , ngiyakuba yinhloko yenu.

AbAhluleli 16:11

Wathi kuye : Uma bengibopha ngamagoda amasha okungasetshenziwan ga ngawo, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.

AbAhluleli 16:17

Wamtshela inhliziyo yakhe yonke , wathi kuye : Akuthintanga mpuco ekhanda lami , ngokuba bengingumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa , amandla ami ayakumuka kimi , ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.

AbAhluleli 16:7

USamsoni wathi kuye : Uma bengibopha ngezinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.

AbAhluleli 6:16

UJehova wathi kuye : Impela ngiyakuba nawe ; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.

AmaHubo 91:15

Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini , ngimkhulule, ngimdumise.

IsAmbulo 21:7

Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.

KumaHeberu 1:5

Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele , na? nokuthi: Ngiyakuba nguYise kuyona , yona ibe yiNdodana kimina, na?

U-Eksodusi 23:22

Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo , ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.

U-Isaya 47:7

Wathi wena: Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo . Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.

UDuteronomi 29:19

kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo , azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ng enkani yenhliziyo yami , ukuze kuqedwe okuswakemeyo kanye nokomileyo,

UDuteronomi 31:23

Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni , wathi: Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa -Israyeli ezweni engalifungela bona ; mina ngiyakuba nawe.

UGenesise 18:12

USara wahleka phakathi kwakhe , wathi: Lapho sengimdala, nenkosi yami igugile, ngiyakuba nalenjabulo na?

UGenesise 31:3

UJehova wayesethi kuJakobe : Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.

UGenesise 41:40

Wena uzakuba phezu kwendlu yami ; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.

UGenesise 43:9

Mina ngiyakuba yisibambiso sakhe ; uzakumbiza esandleni sami ; uma ngingambuyiseli kuwe , ngimbeke ebusweni bakho , ngiyakuba necala kuze kube phakade,

UGenesise 44:32

Ngokuba inceku yakho yaba yisibambiso somfana kubaba , yathi: U ma ngingambuyiseli kuwe, ngiyakuba necala kubaba kuze kube phakade.

UGenesise 4:14

Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba , ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni , ongifumanayo angibulale.

UHezekeli 20:33

Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo ngiyakuba yinkosi phezu kwenu.

UHezekeli 34:24

Mina Jehova ngiyakuba nguNkulunkulu wazo , inceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikhulumile.

UHezekeli 37:27

Itabernakele lami liyakuba phezu kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.

UHoseya 14:5

Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.

UHoseya 5:14

Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku -Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda ; mina yebo , mina ngiyakudwengula , besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.

UJeremiya 31:1

Ngaleso sikhathi , usho uJehova , ngiyakuba nguNkulunkulu wemindeni yonke yakwa-Israyeli, yona ibe ngabantu bami.

UJeremiya 31:20

U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye , ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela ; ngiyakuba nesihe impela kuye, usho uJehova.

UJeremiya 7:23

kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi : Lalelani izwi lami , ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami , nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.

UJoshuwa 1:5

Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose , kanjalo ngiyakuba nawe ; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.

UJoshuwa 3:7

UJehova wathi kuJoshuwa: Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose , kanjalo ngiyakuba nawe.

UZakariya 2:5

Kepha mina, usho uJehova, ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.