Skip to Content

"ngiyakubonga"

9 occurrences in ZUL

AmaHubo 111:1

Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonk e emhlanganweni nasebandleni labaqotho.

AmaHubo 71:16

Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova ; ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.

NgokukaJohane 11:41

Balisusa-ke itshe . Kepha uJesu waphakamisa amehlo , wathi: Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.

NgokukaLuka 10:21

Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele , wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba , ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.

NgokukaLuka 18:11

UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi : Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu : izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.

NgokukaMathewu 11:25

Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi : Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda , wakwambulela izingane;

U-Isaya 12:1

Uyakusho ngalolo suku ukuthi : Ngiyakubonga, Jehova, ngokuba wangithukuthelela, kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.

U-Isaya 63:7

Ngiyakubonga umusa kaJehova , ngimdumise uJehov a ngakho konke uJehova asenzele khona , nokuhle okuningi phezu kwendlu ka -Israyeli ayisebenzele khona ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.

UDaniyeli 2:23

Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobab a ongiphile ukuhlakanipha namandla , wangazisa esasikucela kuwe , ngokuba usazisile indaba yenkosi.