Skip to Content

"ngiyakukubuyisa"

6 occurrences in ZUL

UJeremiya 15:19

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Uma ubuya , ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami ; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala , uyakuba ngumlomo wami ; laba bayakubuyela kuwe , kepha wena awuyikubuyela kubo.

UJeremiya 30:18

Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa edumeni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.

UJeremiya 32:44

Amasimu ayakuthengwa ngemali , kulotshwe encwadini , kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini , nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.

UJeremiya 33:11

izwi lokujabula nezwi lokuthokoza , izwi lomyeni nezwi lomakoti , izwi labathi: Bongani uJehova Sebawoti , ngokuba uJehova muhle , ngokuba umusa wakhe umi phakade , nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe nje ngakuqala, usho uJehova.

UJeremiya 33:26

ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka -Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.

UJeremiya 33:7

Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka -Israyeli, ngibakhe njengakuqala.