Skip to Content

"ngiyakuyala"

11 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 6:13

Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke , naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu,

IzEnzo 16:18

Yakwenza lokho izinsuku eziningi . Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya : Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo. Wayesephuma ngaso leso sikhathi.

NgokukaMarku 9:25

UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye , wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.

U-Amose 9:3

Noma becasha esiqongweni saseKarmeli , ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle , ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.

U-Isaya 5:6

Ngiyakusenza sibe yincithakalo ; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva ; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.

UDuteronomi 15:11

Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni ; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi : Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho , abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.

UDuteronomi 15:15

Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.

UDuteronomi 19:7

Ngalokho ngiyakuyala ngokuthi: Uyakuzahlukanisela imizi emithathu.

UDuteronomi 24:18

kepha ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga khona ; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.

UDuteronomi 24:22

Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe ; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.

ULevitikusi 25:21

khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele ph ezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.