Skip to Content

"ngiyakuyenza"

5 occurrences in ZUL

U-Eksodusi 14:4

Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro , abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke ; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova. Benze njalo-ke.

U-Eksodusi 4:21

UJehova wathi kuMose: Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe ; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.

UGenesise 21:13

Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe , ngokuba iyinzalo yakho.

ULevitikusi 26:31

Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa , ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo ; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwen u olumnandi.

UMika 1:7

Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa , nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo , nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo , ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.