Skip to Content

"ngiyakwazi"

17 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 13:12

Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi ; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye , kepha lapho , ngiyakwazi ngokuphelele , njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.

1 uSamuweli 17:28

U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu ; intukuthelo ka -Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na ? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho , ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.

2 AmaKhosi 19:27

Kepha ukuhlala kwakho , nokuphuma kwakho , nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.

2 AmaKhosi 2:3

Amadodana abaprofethi ayeseBethele aphuma , aya ku -Elisha, athi kuye : Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani.

2 AmaKhosi 2:5

Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela ku -Elisha, athi kuye: Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani.

AbAhluleli 6:37

bheka, ngiyakubeka uboya obugundiweyo esibuyeni; uma kukhona amazolo eboyeni bodwa komile emhlabathini wonke , ngiyakwazi ukuthi uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile.

AmaHubo 56:9

Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo ; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

IsAmbulo 2:9

Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho -- kanti ucebile -- nenhlamba yabathi b angabaJuda bengesibo , kodwa beyisinagoge likaSathane.

KwabaseFilipi 4:12

Ngiyakwazi ukuba phansi , ngiyakwazi nokubusa ; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe : ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.

NgokukaLuka 16:4

Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuba bangamukele ezindlini zabo , nxa ngikhishwa ebuphathini.

NgokukaLuka 4:34

Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha ? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.

NgokukaMarku 1:24

wathi: Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha ? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu.

U-Eksodusi 33:12

UMose wathi kuJehova : Bheka, uthi kimi : Khuphula laba bantu , kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami . Nokho ushilo ukuthi : Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.

U-Eksodusi 33:17

UJehova wathi kuMose : Ngiyakwenza nalokho okushiloyo , ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.

U-Isaya 37:28

Kepha ukuhlala kwakho , nokuphuma kwakho , nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.

UDuteronomi 31:27

Ngokuba mina ngiyakwazi ukwambuka kwakho nentamo yakh o elukhuni; bheka, ngisekhona nani namuhla niyahlubuka uJehova ; kuyakuba kakhulu kangakanani emva kokufa kwami na?

UJobe 13:2

Enikwaziyo ngiyakwazi nami; angahlulwa yinina.