Skip to Content

"ngiyinceku"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:36

Kwathi ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu u -Eliya umprofethi wasondela, wathi: Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulu nkulu kwa -Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho.

2 AmaKhosi 16:7

U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho : yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase -Aramu nasesandleni senkosi yakwa -Israyeli angivukelayo.

2 uSamuweli 15:34

kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo , manje ngiyakuba yinceku y akho, khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli.

AmaHubo 116:16

Ngiyinceku yakho impela, Jehova; ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho; uthukululile izintambo zami.

AmaHubo 119:125

Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.

AmaHubo 143:12

Zinqume izitha zami ngomusa wakho , ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.

IsAmbulo 19:10

Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha. UKristu uyalwa nesilo

IsAmbulo 22:9

Yayisithi kimi : Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi ale ncwadi; khuleka kuNkulunkulu.

UGenesise 24:34

Wayesethi: Ngiyinceku ka-Abrahama.