Skip to Content

"ngiyinkosi"

10 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 19:22

UDavide wathi : Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na ? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa -Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?

NgokukaJohane 18:37

Wayesethi uPilatu kuye : Kanti nokho uyinkosi na ? UJesu waphendula wathi: Usho khona . Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho , ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.

NgokukaJohane 19:21

Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu : Ungalobi ukuthi: Inkosi yabaJuda, kepha ukuba yena wathi: NgiyiNkosi yabaJuda.

UHezekeli 13:9

Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami , bangalotshwa encwadini yendlu yakwa -Israyeli, bangangeni ezweni lakwa -Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

UHezekeli 23:49

Bayakwehlisela ukukhanuka kwenu phezu kwen u, nithwale izono zezithombe zenu, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

UHezekeli 24:24

UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini ; niyakwenza njengakho konk e ukwenza kwakhe ; lapho kufikile lokhu , niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

UHezekeli 28:24

Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa - Israyeli kubo ababahaqay o nababenza okwamafundululu kubo , bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

UHezekeli 29:16

Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa -Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

UMalaki 1:14

Makaqalekiswe okhohlisayo , okukhona emhlambini wakhe i duna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo ; ngokuba ngiyinkosi enkulu , usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.

UMalaki 1:6

Indodana idumisa uyise , nenceku inkosi yayo ; uma ngingu yise, kuphi ukudunyiswa kwami ? Uma ngiyinkosi , kuphi ukwesatshwa kwami ? usho uJehova Sebawoti , kinina bapristi enilidelela igama lami . Nokho nithi : Silidelele kanjani igama lakho na?