Skip to Content

"ngobubele"

6 occurrences in ZUL

IzEnzo 28:2

Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Kwabase-Efesu 2:7

kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.

KwabaseRoma 12:1

Ngakho ngiyani ncenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;

U-Isaya 63:7

Ngiyakubonga umusa kaJehova , ngimdumise uJehov a ngakho konke uJehova asenzele khona , nokuhle okuningi phezu kwendlu ka -Israyeli ayisebenzele khona ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.

UHezekeli 16:5

Awuhawukelwanga yiso ukuba kwenziwe lokhu kuwe, uphathwe ngobubele, kepha waphonswa endle, lokhu wanengeka ngosuku lokuzalwa kwakho.

UJeremiya 42:12

Ngiyakuniphatha ngobubele ukuba inihawukele, inibuyisele ezweni lakini.