Skip to Content

"ngojesu"

24 occurrences in ZUL

1 kaPetru 4:11

uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu ; uma umuntu ekhonza , makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu , ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

IsAmbulo 20:4

Ngase ngibona izihla lo zobukhosi ; bahlala kuzo , banikwa ukwahlulela ; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu , nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso , nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo ; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.

IzEnzo 17:18

Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi : Leli p hoshophosho lithini na ? Abanye bathi : Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo , ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.

IzEnzo 28:23

Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi , wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu , wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi , kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

IzEnzo 4:2

benengwa ngukufundisa kwabo abantu nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo,

IzEnzo 5:42

abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.

IzEnzo 8:35

UFiliphu wavula umlomo wakhe , eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

IzEnzo 9:20

Masinyane washumayela emasinagogeni ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.

KumaHeberu 13:21

makaniphelelise kukho konke okuhle , ukuze nenze intando yakhe , esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu ; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade . Amen.

Kwabase-Efesu 1:5

wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu , njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

KwabaseGalathiya 1:1

UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu , kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo,

KwabaseRoma 16:27

kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube phakade. Amen.

KwabaseRoma 1:8

Kuqala-ke ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke , ngokuba ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke.

KwabaseRoma 3:20

ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono. Umuntu ulungisiswa ngoJesu Kristu

KwabaseRoma 5:14

nokho ukufa kwabusa kusukela ku -Adamu kwaze kwaba kuMose , naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika -Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza. Ukulunga nokuphila kwafika ngoJesu

KwabaseRoma 5:21

ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa , nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 7:25

Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yet hu. Ngalokho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo kepha umthetho wesono ngenyama.

NgokukaJohane 1:17

Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

NgokukaLuka 24:19

Wayesethi kubo : Zinto zini na ? Bathi kuye : NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,

NgokukaLuka 7:3

Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye , imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo.

NgokukaMarku 14:55

Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga.

NgokukaMarku 5:27

esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe,

NgokukaMathewu 26:59

Abapristi abakhulu no mphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale;

NgokukaMathewu 27:1

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;