Skip to Content

"ngokudla"

15 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 14:33

Base bemtshela uSawule, bethi: Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi. Wathi: Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.

1 uSamuweli 14:34

Wathi uSawule : Hlakazekelani phakathi kwabantu , nithi kubo : Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi . Bonke abantu baletha , kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo b usuku ngesandla sakhe , bazihlaba khona.

IsiLilo 1:11

Bonke aban tu balo bayabubula , befuna isinkwa sabo ; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo . Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.

IzAga 12:11

Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla , kepha olandela amayiyane akanangqondo.

IzAga 28:19

Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla , kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.

IzAga 30:22

phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi , nesiwula uma sisuthile ngokudla,

KumaHeberu 13:9

Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo ; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa , kungabi ngokudla , abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.

KwabaseKolose 2:16

Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo , noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,

KwabaseRoma 14:15

Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu.

UGenesise 41:55

Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe , abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe : Yanini kuJosefa ; lokho anitshela khona, nikwenze.

UGenesise 44:1

Wayala inceku yendlu yakhe , wathi: Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala , ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe.

UGenesise 47:12

UJosefa wamondla uyise , nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo. Izwe laseGibithe nabantu abakulo babekwa phansi kukaFaro nguJosefa

UGenesise 47:19

Siyakufelani phambi kwakho thina namazwe ethu na ? Sithenge thina namazwe ethu ngokudla, sibe yizinceku zikaFaro thina namazwe ethu ; siphe imbewu ukuba siphile, singafi, izwe lingachitheki.

UJobe 27:14

Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.

UJobe 36:31

Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu, aphane kakhulu ngokudla.