Skip to Content

"ngokuhlakanipha"

46 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:7

Kepha angikholwanga ngamazwi ngaze ngafika , kwabona amehlo ami ; bheka, angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa.

1 kwabaseKorinte 1:17

Ngokuba uKristu kangithumanga ukuba ngibhapathize , kepha ukuba ngishumayele ivangeli , kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi , funa isiphambano sikaKristu senziwe ize. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuhlakanipha kwezwe

1 kwabaseKorinte 1:21

Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.

1 kwabaseKorinte 2:5

ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu , kume ngamandla kaNkulunkulu.

1 uSamuweli 18:14

UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.

1 uSamuweli 18:15

Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba.

1 uSamuweli 18:30

Kwase kuphuma izikhulu zamaFilisti ; kwathi njalo uma zisaphuma , uDavide waziphatha ngokuhlakanipha kakhulu kunazo zonke izinceku zikaSawule, laze laduma kakhulu igama lakhe.

1 uSamuweli 18:5

UDavide waphuma , waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona , waziphatha ngokuhlakanipha ; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi ; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.

2 iziKronike 11:23

Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini , emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.

2 iziKronike 26:15

Wenza eJerusalema imishini eyaqanjwa ngokuhlakanipha ukuba ibe phezu kwemibhoshongo nasezingosini , kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laphumela ekudeni , ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla.

2 uSamuweli 20:22

Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke . Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhan da, baliphonsa kuJowabe . Yena wabetha icilongo , bahlakazeka kulowo muzi , baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

AmaHubo 104:24

Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho ; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.

AmaHubo 136:5

owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

AmaHubo 58:5

lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.

IzAga 24:3

Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.

IzAga 26:16

Ivila lihlakaniphile emehlweni al o kunabayisikhombisa abaphendula ngokuhlakanipha.

IzAga 28:26

Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula ; kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.

IzAga 31:26

Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.

IzAga 3:19

UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha ; wamisa amazulu ngokuqonda.

IzAga 9:9

Siphe isihlakaniphi , siyakwanda ngokuhlakanipha ; fundisa olungileyo , uyakwenezela emfundweni.

KwabaseKolose 1:28

okunguye esimshumayelayo , siluleka wonke umuntu , sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke , ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,

KwabaseKolose 1:9

Ngalokho nathi , kusukela osukwini esezwa ngalo , asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,

KwabaseKolose 2:8

Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu , njengezifundiso zokucathula kwezwe , kungenjengokukaKristu. KuKristu kukhona konke ukuphelela kukaNkulunkulu

KwabaseKolose 3:16

Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke , niyalane ngamahubo , nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya , nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

KwabaseKolose 4:5

Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.

NgokukaLuka 16:8

Inkosi yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenze ngokuhlakanipha, ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.

U-Eksodusi 31:3

Ngimgcwalisile ngoMoy a kaNkulunkulu , ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke,

U-Eksodusi 35:31

umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu , ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke

U-Eksodusi 35:35

Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi , ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicolekileyo , neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.

U-Ezra 7:25

Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula , bonke abazi imithetho ka Nkulunkulu wakho ; nongayaziyo nimfundise.

UDaniyeli 2:14

Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha na ngokuqonda ku-Ariyoki induna yemilindankosi owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBabele;

UDaniyeli 8:25

Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo , izikhulise enhliziyweni yayo , ichithe abaningi ekuthuleni ; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.

UHezekeli 28:4

ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakh o uzizuzele imfuyo, wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;

UHezekeli 28:5

ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokutheng a wandisile imfuyo yakho ; inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.

UJeremiya 10:12

Wawenza umhlaba ngamandla akhe , walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

UJeremiya 20:11

Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu , ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

UJeremiya 51:15

Wawenza umhlaba ngamandla akhe , walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

UJeremiya 9:23

Usho kanje uJehova , uthi: Ohlakaniphileyo makangazibong i ngokuhlakanipha kwakhe , neqhawe malingazibong i ngobuqhawe balo , nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,

UJobe 38:37

Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha , ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,

UmShumayeli 1:13

Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu ; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.

UmShumayeli 2:15

Ngase ngithi enhliziyweni yami : Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami ; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na ? Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize.

UmShumayeli 2:21

Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikez a kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe . Nalokho kuyize nobubi obukhulu.

UmShumayeli 2:3

Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini , inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha , nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.

UmShumayeli 7:10

Ungasho ukuthi : Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqal a zazizinhle kunalezi na? Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.

UmShumayeli 7:23

Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha , ngathi: Ngiyakuhlakanipha, Kepha kwakusala kude nami.

UmShumayeli 9:15

kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo ; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.