Skip to Content

"ngokujabula"

25 occurrences in ZUL

1 iziKronike 29:17

Ngiyazi, Nkulunkulu wami , ukuthi uhlola inhliziyo , uthanda ubuqotho . Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.

1 iziKronike 29:9

Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo , ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova; naye uDavide inkosi wajabula ngokujabula okukhulu. Ukubonga nokukhuleka kukaDavide

2 kwabaseKorinte 12:15

Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke , yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu . Uma nginithanda kakhulu , kanti kuyilapho ngithandwa kancane na?

2 uSamuweli 6:12

Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka -Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu . UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka -Obede Edomi , wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.

AmaHubo 100:2

Mkhonzeni uJehova ngokujabula , nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo.

AmaHubo 105:43

Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula , abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.

AmaHubo 45:15

Ziyiswa ngokujabula nangokwethaba, zingena endlini yenkosi.

AmaHubo 81:1

Halalisani uNkulunkul u amandla ethu , nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.

AmaHubo 92:11

Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami , nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

AmaHubo 92:4

Ngokuba ungithokozisile , Jehova, ngezenzo zakho ; ngiyakumemeza ngokujabula.

IzEnzo 21:17

Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula.

IzEnzo 2:28

Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.

KwabaseKolose 1:11

niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;

NgokukaLuka 10:17

Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula , bathi: Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.

NgokukaLuka 1:44

Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami , umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula.

NgokukaMarku 12:37

UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi . Pho, uyindodana yakhe kanjani na? Ukusolwa kwababhali (Math. 23: 1; Luk. 20: 45) Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.

U-Isaya 12:3

Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.

UDuteronomi 28:47

Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto,

UJeremiya 31:7

Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Hlabelelani kuJakobe ngokujabula , nimemezele inhloko yezizwe , nizwakalise, nidumise nithi : Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.

UJeremiya 48:33

Ukuthokoza nokujabula kususiw e ensimini nasezweni lakwaMowabi ; ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni ; akusayikunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.

UJobe 29:13

Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami ; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

UJobe 33:26

khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye , abone ubuso bakhe ngokujabula, abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.

UZakariya 2:10

Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bhekani, ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho, usho uJehova.

UZefaniya 3:11

Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakh o ophambuke ngazo kimi , ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakh o abazidla ngokujabula, awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.

UZefaniya 3:14

Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.