Skip to Content

"ngokwenyama"

21 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 10:18

Bhekani u -Israyeli ngokwenyama . Abadla imihlatshelo abasibo abahlanganyela ne-altare na?

1 kwabaseKorinte 1:26

Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu bazalwane : kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama , kababaningi abanamandla , kababaningi abayizikhulu,

2 kaPetru 2:10

ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa , bedelela ubukhosi ; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,

2 kwabaseKorinte 10:2

ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama.

2 kwabaseKorinte 10:3

Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama,

2 kwabaseKorinte 11:18

Lokhu abaningi bezibonga ngokwenyama, nami ngiyakuzibonga.

2 kwabaseKorinte 1:17

Pho-ke, bengidlala nje ngisahlose lokho na ? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini , ukuze kimina kube nguyebo yebo , kanye noqhabo qhabo, na?

2 kwabaseKorinte 5:16

Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama ; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.

Kwabase-Efesu 2:11

Ngakho khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama , ababizwa ngokuthi abangasoki yilabo ababizwa ngokuthi abokusoka , okwenziwa ngezandla enyameni,

Kwabase-Efesu 6:5

Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama , balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu,

KwabaseGalathiya 4:23

Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama , kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.

KwabaseGalathiya 4:29

Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.

KwabaseKolose 3:22

Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama , kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

KwabaseRoma 1:3

mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama,

KwabaseRoma 4:1

Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u -Abrahama, ukhokho wethu , ngokwenyama na?

KwabaseRoma 8:12

Ngalokho-ke, bazalwane, asinacala kuyo inyama lokuba sihambe ngokwenyama.

KwabaseRoma 8:13

Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.

KwabaseRoma 8:4

ukuze umyalo w omthetho ugcwaliseke kithina esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya.

KwabaseRoma 9:3

Ngokuba ngingafisa ukuba m ina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;

KwabaseRoma 9:5

abangababo okhokho avela kubo uKr istu ngokwenyama , yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke , obongekayo kuze kube phakade . Amen. Abakwa-Israyeli bakhethwa nguNkulunkulu

NgokukaJohane 8:15

Nina nahlulela ngokwenyama, kepha mina angahluleli muntu.