Skip to Content

"ngonile"

22 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:8

UDavide wayesethi kuNkulunkulu : Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.

1 uSamuweli 15:24

USawule wayesethi kuSamuweli : Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.

1 uSamuweli 15:30

Wayesethi: Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.

1 uSamuweli 26:21

USawule wathi : Ngonile; buya, ndodana yami Davide , ngokuba angisayikukulimaza, lokhu ukuphila kwami bekuyigugu emehlweni akho namuhla; bheka, ngenze okwesiwula, ngidukile kakhulu.

2 AmaKhosi 18:14

UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yase -Asiriya eLakishi , wathi: Ngonile; buya kimi; okubeka kimi ngiyakukwenza. Inkosi yase-Asiriya yamnqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.

2 uSamuweli 12:13

UDavide wathi kuNathani : Ngonile kuJehova. UNathani wathi kuDavide : NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.

2 uSamuweli 24:10

UDavide wahlabeka enhliziyweni emva kokuba esebabalile abantu . UDavide wathi kuJehova : Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo ; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.

2 uSamuweli 24:17

UDavide wathi kuJehova , lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu : Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na ? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa. I-altare elisesibuyeni sika-Arawuna

AmaHubo 41:4

Mina ngithi: Jehova, ngihawukele, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.

AmaHubo 51:4

Ngonile kuwe wena wedwa , ngakwenza okubi emehlweni akho , ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.

IzEnzo 25:11

Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa , angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho , akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.

NgokukaLuka 15:18

Ngiyakusuka, ngiye kubaba , ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho;

NgokukaLuka 15:21

Indodana yayisithi kuye : Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho ; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.

NgokukaMathewu 27:4

wathi: Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala . Bona bathi : Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.

U-Eksodusi 10:16

Khona uFaro washesha wababiza oMose no-Aroni, wathi: Ngonile kuJehova uNkulunkulu wenu nakinina.

U-Eksodusi 9:27

UFaro wath uma wababiza oMose no -Aroni, wathi kubo : Ngonile lesi sikhathi; uJehova ulungile, kepha mina nabantu bami sibabi.

UJobe 33:27

Usehlabelela phambi kwabantu , uthi: Ngonile, ngahlanekezela ukulunga , kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:

UJobe 35:3

njengokuba uthi : Kungisiza ngani ? nokuthi: Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza, uma ngonile, na?

UJobe 7:20

Noma ngonile , ngenzeni kuwe mlindi wabantu na ? Ungimiseleni ngibe yisigcibisholo sakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi, na?

UJoshuwa 7:20

U-Akani wamphendula uJoshuwa , wathi: Kuyiqiniso, ngonile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngenza ukuthi nokuthi.

UMika 7:9

Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova , ngokuba ngonile kuye , aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa , angiphumisele ekukhanyeni , ngibone ukulunga kwakhe.

UNumeri 22:34

Wathi uBileyamu k uyo ingelosi kaJehova : Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho , ngiyakubuyela emuva.