Skip to Content

"ngubaba"

17 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 20:9

UJonathani wathi : Makube kude nawe , ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho , bengingayikukutshela na?

AbAhluleli 17:10

UMika wayesethi kuye : Hlala kimi , ube ngubaba nompristi wami , ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka , nesambatho, nokudla kwakho. UmLevi wangena.

AbAhluleli 18:19

Bathi kuye: Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho , uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu ; kuhle yini ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu munye kunokuba ube ngumpristi wesizwe nomndeni kwa -Israyeli na?

AmaHubo 89:26

Uyakungibiza ngokuthi : U nguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.

IsAmbulo 2:27

uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;

NgokukaJohane 14:21

Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo ; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.

NgokukaJohane 6:65

Wayesethi: Kungenxa yalokho ngithe kini : Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba. Isivumo sikaPetru

NgokukaJohane 8:54

UJesu waphendula wathi : Uma ngizidumisa mina , udumo lwami luyize ; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu.

NgokukaLuka 10:22

Konke ngikunikelwe nguBaba ; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani , kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.

NgokukaMarku 13:32

Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo , nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.

NgokukaMathewu 11:27

Konke ngikunikelwe nguBaba ; akakho owazi iNdodana , kuphela uYise ; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.

NgokukaMathewu 15:13

Kepha waphendula wathi : Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa.

NgokukaMathewu 18:19

Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini.

NgokukaMathewu 20:23

Wathi kubo : Yebo, nizakusiphuza isitsha sami , kepha ukuhlala ngakwesokunene sam i nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.

NgokukaMathewu 24:36

Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.

NgokukaMathewu 25:34

Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Zanini nina enibusisiwe nguBaba , nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.

UJeremiya 2:27

abathi emthini : U ngubaba, nasetsheni: Wena wangizala . Ngokuba bangifulathele, abangibheki; kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwab o bayakusho ukuthi: Vuka, usisindise.