Skip to Content

"ngubuthongo"

7 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 26:12

UDavide wayesethatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba, kungaboni muntu, kungazi muntu, kungavuki muntu, ngokuba babelele bonke , lokhu bebehlelwe ngubuthongo obunzima obuvela kuJehova.

AmaHubo 3:5

Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo ; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.

AmaHubo 76:6

Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.

IzEnzo 20:9

Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu -Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima , uPawulu eshumayela isikhathi eside ; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.

NgokukaLuka 9:32

UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo ; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye.

UJobe 33:15

Ephusheni nasembonweni wasebusuku , lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini,

UJobe 4:13

Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku , lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,