Skip to Content

"ngumoya"

35 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:22

Wathi: Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke. Wayesethi: Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.

1 kwabaseKorinte 15:45

Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.

1 kwabaseKorinte 2:11

Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu , uma kungesiye umoya womuntu okuye na ? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu , kuphela nguMoya kaNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 2:13

esikhuluma ngakho futhi , kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.

1 uSamuweli 16:16

Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu ; kuyakuthi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, abethe ngesandla sakhe, kube kuhle kuwe.

2 iziKronike 18:21

Wathi: Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke . Wathi: U yakumyenga, futhi uyakumahlula ; hamba, wenze njalo.

2 kaPetru 1:21

ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.

AmaHubo 1:4

Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.

EkaJakobe 1:6

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho ; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

IsAmbulo 6:13

nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu,

IzEnzo 13:4

Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya ; basuka lapho , baya eKhupro ngomkhumbi.

IzEnzo 16:6

Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya , benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya;

IzEnzo 4:31

Kwathi sebekhulekile , kwazanyazanyiswa indawo lapho beb ebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele , bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi. Ukuhlanganyela kwebandla izinto zonke

KwabaseGalathiya 5:18

Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.

KwabaseRoma 8:14

Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunku lu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.

KwabaseRoma 8:27

kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.

NgokukaJohane 3:6

Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama ; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.

NgokukaJohane 3:8

Umoya uphephetha lapha uthanda khona ; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona ; banjalo bonke abazelwe nguMoya.

NgokukaJohane 6:63

NguMoya ophilisayo , inyama ayisizi lutho ; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila.

NgokukaLuka 1:15

Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi ; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo ; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.

NgokukaLuka 7:24

Sezimukile izithunywa zikaJohane , yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: Naphuma naya ehlane ukuyobonani na ? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?

NgokukaMarku 13:11

Uma beniqhuba , benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi , kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.

NgokukaMathewu 11:7

Kepha sebemuka laba , uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJ ohane, wathi: Naphuma naya ehlane ukuyobonani na ? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?

NgokukaMathewu 4:1

Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

U-Eksodusi 35:21

Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo ya khe nowaqhutshwa ngumoya wakhe , baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele.

U-Isaya 59:19

Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga , nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.

UDaniyeli 2:35

Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi , nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo , kwasuswa ngumoya , akutholwanga ndawo ; itshe elalisishay a isithombe laba yintaba enkulu , lawugcwalisa umhlaba wonke.

UGenesise 41:23

Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane , ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.

UGenesise 41:27

Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziy iminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane , ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.

UGenesise 41:6

Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane , ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.

UJeremiya 5:13

Abaprofethi bayakuba ngumoya, akakho okhulumayo kubo; kuyakwenziwa kanjalo kubo.

UJobe 6:4

Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.

UJobe 8:2

Koze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na?

UNumeri 5:14

afikelwe ngumoya wesikhwele , abenesikhwele ngomkakhe , yena engcolisiwe, noma efikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe kodwa yena engangcoliswanga,

UNumeri 5:30

noma lapho indoda ifikelwa ngumoya wesik hwele, ibe nesikhwele ngomkayo; khona iyakumbeka owesifazane phambi kukaJehova , umpristi agcine wonke lo mthetho kuye.