Skip to Content

"nifuna"

12 occurrences in ZUL

2 kwabaseKorinte 13:3

Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi , yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.

AmaHubo 4:2

Madodana abantu , koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na ? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela

IzEnzo 19:39

Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho , kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo.

NgokukaJohane 18:4

Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma , wathi kubo: Nifuna ubani na?

NgokukaJohane 18:7

Waphinda wababuza wathi: Nifuna ubani na? Bathi: UJesu waseNazaretha.

NgokukaJohane 18:8

UJesu waphendula wathi: Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe,

NgokukaJohane 8:37

Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka -Abrahama; kepha nifuna ukungibulala , ngokuba izwi lami lingenandawo kini.

NgokukaJohane 8:40

Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso , engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho.

NgokukaMarku 10:36

Wathi kubo: Nifuna ukuba nginenzeleni na?

NgokukaMarku 16:6

Kepha yathi kubo : Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha ; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona.

NgokukaMathewu 20:32

UJesu wema, wazibiza wathi: Nifuna ukuba nginenzeleni na?

NgokukaMathewu 28:5

Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;