Skip to Content

"nilidle"

14 occurrences in ZUL

AbAhluleli 18:9

Bathi: Sukani, senyukele kubo , ngokuba silibonile izwe ; bhekani, lihle kakhulu; niyathula yini? Ningenqeni ukuhamba, ningene ukuba nilidle izwe.

UDuteronomi 11:31

Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo.

UDuteronomi 11:8

Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,

UDuteronomi 1:21

Bhekani, uJehova uNkulunkulu wenu ulibekile izwe pham bi kwenu : khuphukani nilidle, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akhuluma kini; ningesabi, ningapheli amandla.

UDuteronomi 1:8

Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu ; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo , o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.

UDuteronomi 3:18

Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi : UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle ; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu , abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.

UDuteronomi 4:1

Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.

UDuteronomi 4:22

kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe , ngingaweli iJordani ; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelo zwe elihle.

UDuteronomi 4:26

ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle ; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.

UDuteronomi 9:23

Nalapho uJehova enithuma , nisuka eKadesh i Barineya , ngokuthi: Khuphukani, nilidle izwe engininike lona , nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe.

UJoshuwa 1:11

Dabulani phakathi kwekamu, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani , ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze. Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani

UJoshuwa 1:15

uJehova aze aphumuze abafowenu njengani , nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , nilidle.

UJoshuwa 23:5

UJehova uNkulunkulu wenu uyakuzixosha ngaphambi kwenu , azidungule ebusweni benu , nilidle izwe lazo , njengalokho ebekhuluma uJehova uNkulunkulu wenu kini.

UNumeri 33:53

nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle.