Skip to Content

"ningesabi"

37 occurrences in ZUL

1 kaPetru 3:14

Kepha noma ni hlupheka ngenxa yokulunga , nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki,

1 uSamuweli 12:20

USamuweli wathi kubantu : Ningesabi; impela nenzile konke lokho okubi ; kepha ningaphambuki ekumlandeleni uJehova , kodwa mkhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo yenu;

2 AmaKhosi 17:37

izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu;

2 AmaKhosi 17:38

aniyikukhohlwa isivumelwano engisenzile nani , ningesabi abanye onkulunkulu;

2 AmaKhosi 25:24

UGedaliya wafunga kubo nakubantu babo , wathi kubo: Ningesabi izinceku zamaKaledi; hlalani ezweni , niyikhonze inkosi yaseBabele , kuyakuba kuhle kini.

2 iziKronike 20:15

wathi: Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema , nawe nkosi Jehoshafati : usho kanje kini uJehova , uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu , ngokuba impi ayisiyo eyenu , ngekaNkulunkulu.

2 iziKronike 20:17

Akusikho okwenu ukulwa kule mpi ; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema ; ningesabi, ningapheli amandla ; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.

2 iziKronike 32:7

Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningapheli amandla ngenkosi yase -Asiriya nangesixuku sonke esinayo, ngokuba onathi mkhulu kunonaye;

2 uSamuweli 13:28

U-Abisalomu wayala izinceku zak he ngokuthi: Bhekani, lapho inhliziyo ka- Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini : Bulalani u -Amnoni, nimbulale ningesabi ; angithi mina nginiyalile na ? Yimani isibindi , nibe ngamaqhawe.

NgokukaJohane 6:20

Kepha wathi kubo: Yimina, ningesabi.

NgokukaLuka 2:10

Ingelosi yathi kubo : Ningesabi; ngokuba bhekani , nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke,

NgokukaMarku 6:50

Ngokuba bonke bambona , bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo , wathi kubo: Yimani isibindi; yimina, ningesabi.

NgokukaMathewu 14:27

Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane , wathi: Yimani isibindi; yimina, ningesabi.

NgokukaMathewu 17:7

Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: Sukumani, ningesabi.

NgokukaMathewu 28:10

Khona uJesu wathi ku bo: Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona khona.

NgokukaMathewu 28:5

Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;

U-Eksodusi 14:13

UMose wathi kubantu : Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla , ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.

U-Eksodusi 20:20

UMose wayesethi kubantu : Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.

U-Isaya 35:4

Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi : Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela , impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.

U-Isaya 44:8

Ningesabi, ningabi naluvalo; angithi ngikuzwisile kusukela endulo , ngakumemezela, na? Nina ningofakazi bami . Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Cha, alikho iDwala; angilazi. Izithombe

U-Isaya 51:7

Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.

U-Isaya 8:12

Ningasho ukuthi kuluzungu konk e abakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu, ningesabi abakwesabayo, nibe novalo ngakho.

UDuteronomi 1:17

Maningakhethi abantu ekwahluleleni , nimuzwe omncane njengomkhul u, ningesabi ubuso bamuntu , ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu ; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.

UDuteronomi 1:21

Bhekani, uJehova uNkulunkulu wenu ulibekile izwe pham bi kwenu : khuphukani nilidle, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akhuluma kini; ningesabi, ningapheli amandla.

UDuteronomi 20:3

Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali , ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,

UDuteronomi 31:6

Qinani, nime isibindi , ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo , ngokuba uJehova u Nkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe ; akayikukuyeka, akushiye.

UGenesise 43:23

Yayisithi kubo : Ukuthula makube kinina ; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu ; imali yenu ngayithola . Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.

UGenesise 50:19

UJosefa wayesethi kubo: Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na?

UGenesise 50:21

Ngalokho ningesabi ; mina ngiyakunondla , nina nezingane zenu . Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo. Ukufa kukaJosefa

UHagayi 2:5

Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.

UJeremiya 40:9

UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo , wathi: Ningesabi ukukhonza amaKaledi : hlalani ezweni , niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.

UJeremiya 51:46

Izinhliziyo zenu mazingadangali , ningesabi imibiko ezwakalayo ezw eni, lapho kufika umbiko othile ngomunye umnyaka , bese kufika emva kwawo omunye ngomnyaka olandelayo , kube ngubudlova ezweni , umbusi avukele umbusi.

UJoshuwa 10:25

UJoshuwa wathi kuzo : Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.

UJoweli 2:22

Ningesabi, zilwane zasendle , ngokuba amadlelo asehlane ayahluma , nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.

UNumeri 14:9

Kodwa ningahlubuki kuJehova, futhi ningesabi abantu balelo zwe ; ngokuba bayisinkwa kithi ; umthunzi wabo usukile phezu kwabo , kodwa uJehova unathi; ningabesabi.

UZakariya 8:13

Kuyakuthi, njengalokho wawuyisiqalekiso phakathi kwabezizwe wena ndlu yakwaJuda nawe ndlu yakwa -Israyeli, kanjalo nginisindise, nibe yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.

UZakariya 8:15

kanjalo ngibuye ngahlosa kulezi zinsuku ukwenzela iJerusalema nendlu yakwaJuda okuhle; ningesabi.