"nini"
77 occurrences in ZUL
U-Eliya wasondela kubo bonke abantu , wathi: Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na ? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali , mlandeleni yena. Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.
UJehova wathi kuSamuweli : Uyakumkhalela kuze kube nini na ? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka -Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha , uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.
U-Eli wathi kuye : Uyakudakwa kuze kube nini na ? Susa iwayini lakho kuwe.
U-Akhishi wakholwa nguDavide , wathi: Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa -Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.
UDavide wathi ku -Akhishi: Ngalokho uyakwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani. U-Akhishi wathi kuDavide : Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi wekhanda lami kuze kube nini. USawule uya konedlozi e-Eni Dori
U-Abineri wayesememeza kuJowabe , wathi: Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na ? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?
Ngizakuqaphelisisa indlela en genacala. Uyakuza nini kimi na ? Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.
Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: Uyakungiduduza nini na?
Zingaki izinsuku zenceku yakho? Uzakubahlulela nini abangizingelayo na?
Koze kube nini , Jehova, ungikhohlwa njalonjalo na ? Koze kube nin i usitheza ubuso bakho kimi na?
Koze kube nin i ngikhathazeka emphefumulweni wami , nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?
Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na ? Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo , ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo.
Izitha zami zikhuluma okubi ngami , zithi: Uzakufa nini , igama lakhe lichitheke, na?
Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo ; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?
Madodana abantu , koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na ? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela
Koze kube nini nisukela umunt u ukuba nimbulale nonk e njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na?
nomphefumulo wami uyathuthumela , kepha wena Jehova , koze kube nini na?
Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka , isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?
Izimpawu zethu asiziboni ; akusekho mprofethi ; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.
Koze kube nini , Jehova, uthukuthele njalo , ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?
Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhul eko wabantu bakho na?
Koze kube nini nahlulela ngokungalungile nikhetha ubuso bababi na? Sela
Koze kube nini uyakuzisitha , Jehova, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?
Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.
Jehova, koze kube nini ababi, koze kube nini ababi bethaba na?
Qaphelani nina zithutha phakathi kwab antu; nani ziwula, niyakuqonda nini na?
Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: Koze kube nini , Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?
Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula , nezideleli zijabula ukudelela , neziwula zizonda ukwazi, na?
Uyakulala kuze kube nini , vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?
Base bemhaqa abaJuda bethi kuye : Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.
Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle , bathi: Rabi, ufike nini lapha na?
Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini , wabaphendula wathi: Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.
Base bembuza bethi : Mfundisi, lokhu kuyakuba nini na ? Nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?
UJesu waphendula wathi: O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.
Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini.
Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini , noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku , noma ngokukhala kwezinkuku , noma ekuseni,
bathi: Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini , nesibonakaliso siyakuba yini , lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?
Waphendula wathi: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.
UJesu waphendula wathi : O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na ? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.
Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini , nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?
Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi : Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na?
Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na?
Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?
Khona bayakuphendula nabo, bathi: Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi , noma uhamba ze , noma ugula , noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?
nithi: Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyang a ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni , senze i -efa libe lincane , senze ishekeli libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,
OMose no -Aroni bangena -ke kuFaro , bathi kuye : Usho kanje uJehova , uNkulunkulu wamaHeberu , uthi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye : Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?
UJehova wathi kuMose : Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?
Ngase ngithi : Nkosi, koze kube nini na ? Yathi: Kuze kuchithwe imizi , kungabe kusaba khona ohlala kuyo , nezindlu zingabe zisaba namuntu , nomhlaba uchitheke ube yize,
Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?
Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma , nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?
Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki ; kepha kwandile , sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami ; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?
Ngiyakukuncenga kuze kube nini , Jehova, ungezwa, ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na?
Ngalokho umthetho uba buthakathaka , nokwahlulela akuphumi kuze kube nini, ngokuba omubi uhaqa olungileyo ; ngalokho ukwahlulela kuph uma kuhlanekezelwe. UNkulunkulu uvusela u-Israyeli amaKaledi
Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye , bathi: Wo kuyena owandisa okungesikho okwakh e koze kube nini na ? -- nozisindisa ngezibambiso!
Ithole lakho , Samariya, linengekile; intukuthelo yami iyabavuthela ; koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?
Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khon a izinkomo nezinyoni ziyabhubha , ngokuba bathi : Akayikubona ukugcina kwethu.
Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho , ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho , ngikubonile emagqumeni asendle . Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?
Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga , bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,
Koze k ube nini uhambahamb a wena ndodakazi ehlubukayo na ? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda.
Kepha bathi : Asiyikuphuza iwayini , ngokuba uJonadaba , indodana kaRekabi ubaba , wasiyala wathi : Aniyikuphuza iwayini , nina namadodana enu, kuze kube nini,
Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo, ayigcine kuze kube nini na ? Bheka, ukhuluma kanjalo; uyenza okubi, uyaphumelela.
Ubumpandla bulehlele iGaza ; i-Ashikeloni liphelile , insali yesigodi sabo ; uyakuzisika kuze kube nini na?
Awu wena nkemba kaJehova , koze kube nini ungathuli na ? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.
Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho , kuphume ububi , ukuze usindiswe . Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?
Koze kube nini ngibona ibhandela, ngizwe izwi lecilongo, na?
Koze kube nini nibekela amazwi ami izingibe na ? Qondani, andukuba sikhulume.
Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningiphohloze ngamazwi, na?
Koze kube nini uyeka ukungibheka na ? Ngiyeke, ngize ngiminze amathe ami.
Lapho ngilala phansi , ngisho ngithi : Ngingavuka nini , ngokuba ubusuku bude; ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.
Koze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na?
UJoshuwa wathi kubantwana bakwa -Israyeli: Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?
Kodwa imizi yamaLevi , izindlu zemizi yefa lawo amaLevi angazihlenga noma nini.
Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani , nokubuya kuyakuba nini na ? Kwaba kuhle -ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.
UJehova wayesekhuluma kuMose , wathi: Koze kube nini laba bantu bengidelela na ? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso z onke engizenzile phakathi kwabo na?
Koze kube nini le nhlangano embi ikhono na ngami na ? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.
Yayisithatha ingelosi kaJehova , yathi: Jehova Sebawoti , koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithu kuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?